EzintshaKaizer Chiefs

UCedric Kaze ufanisa iKaizer Chiefs nowesifazane okhulelwe 

Amakhosi awabanga nesizini enhle njengoba kumanje esendaweni yesishiyagalolunye kwiBetway Premiership kanti asesele nemidlalo emibili nje vo. 

Amathuba okuthi aphinde aqede ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu isizini yesibili kulandelana makhulu.

Nokho likhona ithuba lokuhlenga isimo. IKaizer Chiefs ikowamanqamu kwiNedbank Cup.

Izogadulisana nezimbangi zayo ezindala, i-Orlando Pirates kulo mdlalo oseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ntambama. 

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu, uCedric Kaze uthe iKaizer Chiefs seyidonse kanzima izinyanga eziyisishiyagalolunye ‘ikhulelwe’. 

“Sikuqonda kahle kakhulu ukukhungatheka kwabalandeli futhi nathi siyakuzwa lokho,” kusho uKaze. 

“Nginesiqiniseko sokuthi izintokazi zizovumelana nami kulokhu. Uma usunezinyanga eziyisishiyagalolunye ukhulelwe kufika isikhathi sokubeletha. 

“Wonke umuntu… wonke amalungu omndeni kudingeka abe khona ngosuku lokubeletha… yileso kuphela iseluleko enginaso.”

UCedric Kaze, osesebenze noNasreddine Nabi isikhathi eside, uthi iKaizer Chiefs isikulungele ukuya kulo mdlalo.

“Sengineminyaka ecishe ibe mithathu ngisebenza nomqeqeshi uNabi, kuyiqiniso ukuthi yisizini enzima esibhekane nayo lena.

“Lokho kungenxa yezifiso nokulindelekile okungafezekanga,” kuqhuba uKaze.

“Kodwa unolwazi oluningi aluthole emazweni namaqembu ehlukene asesebenze kuwo.

“Uyakuqonda okulindeleke kuye. Ubunzima esibhekene nabo kuyisipiliyoni esimcijela isikhathiesizayo.

“Mhlawumbe kwesinye isikhathi akakuqondi ukugxekwa abhekana nabo ngoba ubona kunokuxhamazela ngakho.

“Kodwa uyazi ukuthi, hhayi laseNingizimu Afrika nje kuphela, ukuthi ukwahlulelwa kuyashesha ukuza.

“Uyazi ke kodwa ukuthi lokhu kuhambisana nalo msebenzi awuqoka. Ngikhulume naye namhlanje ekuseni.

“Uyazethemba futhi uzimisele kakhulu futhi usekujahile ukuyoba sebhentshini ngoMgqibelo kowamanqamu weNedbank Cup.”