
UCardoso uphawula ngoKhoza ocishe ‘wabahlinzela ezibini’
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, useveze ukweseka kwakhe uMalibongwe Khoza, owenze amaphutha amabi.
Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-21 ubudala ubedlala okokuqala kule sizini kulandela ukwelulama ekulimaleni.
Uqale umdlalo bebhekene neGomora United kwiNedbank Cup eLoftus Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Kodwa uMalibongwe Khoza ube namaphushana la abeficwa kjhona abagadli baleli qembu leMotsepe Foundation Championship bamphuce ibhola kalula.
Kube kubi kakhulu sekusele kancane kuyiwa ekhefini ngesikhathi ibhola lithathwa kuye, laphelela enethini ngonyawo lukaMpho Moake.
Leli goli libe ngelokulinganisa, lisula elikaPeter Shalulile futhi lenza kwayiwa ekhefini zibambene ngo 1–1.
Naphezu kwaleli phutha elidliselile, uCardoso ukhombise ukumeseka lo mdlali wakhe osemncane.
“Wonke umuntu umbonile enza iphutha eliholele egolini, kodwa lesi yisikhathi sokuthi umqeqeshi ameseke lo mfana,” kusho uCardoso.
“Ungumdlali esimethembayo futhi usazoba ngumdlali obalulekile kakhulu kithi.
“Ubengakaze adlale nomzuzu owodwa kule sizini, ngakho-ke lesi yisikhathi sokuthi simeseke.”
Lo somaqhinga wasePortugal ugcizelele ukuthi amaphutha ayingxenye yokukhula futhi akufanele umdlali ahlulelwe ngawo.
“Ingcindezi yomdlalo neyasejimini imayelana nokumenza ukuhti abe ngcono.
“Lesi bekungesona isikhathi sokumhluleka, kodwa bekungesokumeseka,” kwengeza uCardoso.
“Senze okufanayo noTsiki Ntsabeleng noBathusi Aubaas. Siyasekelana futhi siyathembana.
“Iphutha elilodwa alisho ukuthi usungumdlali obhedayo. Okuveza ubuwena yisimo sengqondo osibonisa ngemuva kwezimo ezinjenga lezi.”
FUNDA NALA | Okwenza uRele ayijabulele indawo yakhe entsha kwiPirates
ISundowns iphinde yahlangana ngesiwombe sesibili yanqoba ngo-2–1, ngegoli likaThapelo Morena.
Manje uCardoso uzothemba ukuthi uMalibongwe Khoza uzofunda kokwenzekile bese eba ngumdlali ongcono ukuya phambili.
