
UNcikazi ugadla kwabagxeka iPirates ngesicoco seligi
Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Mandla Ncikazi, seliphendule kulabo abagxeka indlela iqembu elanqoba ngayo isicoco seBetway Premiership ngesizini edlule.
Amabhakabhaka agcina eqede iminyaka engu-14 engasinqobi isicoco seligi ngemuva kokushaya i-Orbit College ngo 2-0 ngosuku lokugcina lwesizini.
Kodwa-ke, le mpumelelo yabakhalisa abanye ngoba womabili amagoli aba yimikhonto egwaza ekhaya abadlali be-Orbit.
Abanye baze basola ukuthi iPirates yenzelwa umusa, kwathi abanye basho nokuthi umdlalo wawuhleliwe.
Ekhuluma kwidokhumentari yeqembu ethi Bucs Camp, uNcikazi uwachithile lawo mahlebezi.
Uthe abantu basebenzisa imigomo ehlukile uma kukhulunywa ngePirates.
“Ngiyathanda ukuthi imimese icija kakhulu uma kunesinqumo esithinta i-Orlando Pirates,” kusho u-Mandla Ncikazi.
“Uma nikhumbula kahle, akukhona okokuqala kwiPSL ukubona iqembu lithola amagoli amabili anjena emdlalweni owodwa.”
UNcikazi uveze ukuthi kukhona neminye imidlalo efanayo engazange idale umsindo.
“Sakubona emdlalweni phakathi kweSiwelele neMamelodi Sundowns, kodwa akekho owakhuluma ngakho,” kusho yena.
“Kwaba okokuqala futhi iSiwelele ishaywa amagoli ayisikhombisa, into eyayingakaze yenzeke emlandweni wayo.”
Uqhube wathi neKaizer Chiefs yake yahlomula ngamagoli amabili aba yimikhonto egwaza ekhaya ishaya AmaZulu, kodwa akekho owakwenza indaba enkulu.
“Ngabona neKaizer Chiefs ishaya AmaZulu ngenxa yamagoli amabili aba yimikhonto egwaza ekhaya,” kusho uNcikazi.
“Kungani-ke kuba yinkinga enkulu uma kwenzeka kwiPirates?”
UNcikazi uthi lokhu kukhombisa ukuthi baningi abantu abangafuni ukubona iPirates iphumelela.
“Kimina lokhu kukhombisa ukuthi abantu abaningi bafuna ukubona iPirates ihluleka,” kusho yena.
“Kuyiqiniso ukuthi baningi abayesekayo iPirates. Kodwa uma uphumelela, kuzohlale kukhona abangafuni ukukubona uphumelela.”
- FUNDA NALA | UPitso uphawula ngomsebenzi weBafana
U-Mandla Ncikazi ugcizelele ukuthi i-Orlando Pirates yasinqoba ngokufanele isicoco seligi, waphika ukuthi iqembu lathola noma yiluphi uhlobo losizo olungafanele endleleni eya esicongweni.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
