
UPitso uphawula ngomsebenzi weBafana, uveza izingxoxo neSafa
Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, uPitso Mosimane, usephawule ngamathuba okuba ngumqeqeshi omusha weBafana Bafana njengoba inkontileka kaHugo Broos ingakavuselelwa.
UBroos usefinyelele ekugcineni kwenkontileka yakhe ngemuva kokuhola iBafana yanqoba indondo yethusi kwi-Afcon ka-2024 futhi yenza kahle nakwiNdebe yoMhlaba.
Yize iSafa ikuphikile ukuthi isivele ivuselele inkontileka kaBroos, kubikwa ukuthi uMosimane ungomunye wabaqeqeshi abahamba phambili abangathatha lo msebenzi.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa incwadi yakhe entsha ethi Youth Football Coaching Manual eGoli ngoLwesine, uMosimane uthe iSafa isivele ikhulume nabaqeqeshi abaningi ngekusasa leBafana.
“Mayelana nomsebenzi weBafana, angazi ukuthi inkontileka kaHugo Broos iphela nini,” kusho uMosimane.
“Angazi nokuthi leso sikhundla sesivulekile noma cha. Kodwa engikwaziyo wukuthi iSafa isikhulume nabaningi bethu.
“Bebefuna ukuzwa imibono yethu ngecebo lesikhathi esizayo. Bebebuza ukuthi yini esingayenza ukuze iBafana ifinyelele kwelinye izinga.”
U-Pitso Mosimane uthe kuhlale kubalulekile ukushiya iqembu lisesimeni esingcono kunalapho ulibone khona njengoba kwenza u-Hugo Broos.
“Ngihlale ngisho ukuthi kufanele ushiye iqembu lisendaweni engcono. Kusenendawo yokwenza kangcono.
“Ngesikhathi ngihamba kwiSundowns ngangiwine iCac Champions League. Ngemuva kwami baphinde bayinqoba futhi.
“Lokho kusho ukuthi wonke umuntu angakwazi ukuqhubekisela phambili umsebenzi.
“Akekho umuntu ongashintshwa,” kuqhuba lo mqeqeshi owake wayicija iBafana phambilini.
Uthe akumele abantu besabe ukubeka izinga eliphezulu.
“Sake saya kwiNdebe yoMhlaba ngaphambili ngaphansi kukaCarlos Queiroz.
“Sake sayinqoba ne-Afcon ngaphansi kukaClive Barker,” kwengeza uMosimane.
“Ngakho manje kufanele sicabange ngokudlulela ezigabeni zokungqongqoza emiqhudelwaneni emikhulu.”
- FUNDA NALA | UDa Cruz uveza akufunde ngeChiefs
Uma eqokwa, kuzoba ihlandla lesibili lika-Pitso Mosimane eqeqesha i-Bafana Bafana, njengoba wake wayihola phakathi kuka-2010 no-2012.
IBafana izoqala imikhankaso yokuhlungela i-Afcon ka-2027 ngoSepthemba, lapho izobhekana khona neKenya emdlalweni wayo wokuqala.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
