
UCardoso ukhala ngabalimele nabamisiwe kwiSundowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, useqinisekise abadlali abathathu abamqoka abazobe bengekho uma sebebhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.
Lezi ziqhwaga zaseTshwane zizobe zingenaye umdlali oyisethenjwa sasesiswini uTeboho Mokoena nesihlabani esisha uMiguel Reisinho abamisiwe ngenxa yamakhadi.
Kodwa phezu kwalokho, iMamelodi Sundowns izophinde ibe ngaphandle kukaThapelo Morena, uMalibongwe Khoza, noThemba Zwane – bonke balimele.
Bonke bazophuthelwa yilo mdlalo weBetway Premiership la iSundowns izogadulisana khona nePirates eLoftus Stadium – umdlalo uqala ngo-3.30 ntambama.
UZwane akekho eqenjini kusukela ngoSepthemba, kanti uMorena yena ulimale ngesikhathi edlala kwiBafana Bafana ibhekene neRwanda ngenyanga edlule.
Ngakolunye uhlangothi uKhoza ulimale eqakaleni ngesikhathi iSundowns idlala kwiCaf Champions League ibhekene neRemo Stars.
“Siyazi ukuthi uma sinabo bonke abadlali leli qembu liba namandla kakhulu, kodwa okwamanje akunjalo.
“Silahlekelwe nguMorena, obaluleke kakhulu kithi — hhayi nje ukusisiza ukonga uKhuliso Mudau kodwa nangamandla nokuhlasela akulethayo esuka emuva.
“Ulimale emsebenzini wezwe, ngakho akatholakali,” kusho uCardoso kwabezindaba kuleli sonto.
UCardoso wengeze ngokuthi ukulimala kukaKhoza kuphazamise umgqigqo wakhe kodwa usenethemba lokuthi uzolulama ngokushesha.
“UMali akazange aphuke ithambo, kodwa unenkinga yeqakala futhi uyalulama,” kwengeza lo mqeqeshi wasePortugal.
“Kuyishwa ngoba kwiSundowns umbango wezindawo unzima kangangokuthi ukungabi khona kwakho isikhashana kuyawuphazamisa umgqigqo wakho.”
FUNDA NALA | U-Ox uveze okubasize bajuqe iDurban City
UKhoza kulindeleke ukuthi aphuthelwe nayikhefu elilandelayo lamazwe ngamazwe njengoba esaqhubeka nokuhlunyeleliswa.
Njengoba ixhugela, iMamelodi Sundowns kuzomele izikhandle ibhekene neqembu elizethembayo lePirates elizimisele ngokuvala igebe esicongweni seligi.
