
IPirates iqinisekisa ezingezinhle ngomqeqeshi wayo
I-Orlando Pirates isikuqinisekisile ukuthi umqeqeshi wayo u-Abdeslam Ouaddou nabanye nabasebenzi bekilabhu abahlanu babe sengozini yomgwaqo ngeSonto ebusuku.
Lesi sigameko senzeke emgwaqeni u-R21 ngesikhathi iqembu libuya eGqeberha, kulandela ukunqoba kwalo ngo 3–0 lihlula iChippa United.
Ibhasi lePirates lidlule la bekwenzeke khona ingozi yomgwaqo, umqeqeshi nabanye badilika ukuze bayosiza labo abebelimele kule ngozi yezimoto ezimbili ebezishayisene.
Okubuhlungu wukuthi ngesikhathi besasiza, kuqhamuke enye imoto yafike yashayisa lezi ebesezivele zimile, kwabe sekulimala u-Ouaddou nalaba abanye abebesiza nabo kulesi sigameko.
Umqeqeshi u-Ouaddou, nabasebenzi abahlanu abathintekile, baphuthunyiswe esibhedlela ngokushesha, lapho bethola khona usizo lokwelashwa njengamanje.
Ikilabhu isondelene kakhulu nethimba lezokwelapha futhi izokwenza izimemezelo ngokululama kwabo ngokuhamba kwesikhathi.
“Kulesi sigaba, okuhamba phambili kithi yimpilo yozakwethu,” kubhala iPirates esitatimendeni.
“Ikilabhu yenze izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abathintekile nemindeni yabo bathola konke ukwesekwa okudingekayo ngalesi sikhathi esinzima.
FUNDA NALA | UMngqithi ukhihla esikaNandi ngokubanjwa ngophondo
“Sicela ukunikwa isikhathi nenhlonipho kulabo abathintekayo njengoba begxile ekululameni. Ezinye izibuyekezo zizokwaziswa uma kufanele.”
