
UCardoso ‘ubonge’ uVan Wyk ngokumqalisa koweMilford
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usebonge u-Anthonio Van Wyk ngemuva komdlalo wakhe omuhle bebhekene neGolden Arrows.
UVan Wyk uqokwe eqenjini eliqala umdlalo neMilford FC ngoLwesithathu.
ISundowns izobhekana neMilford emdlalweni obalulekile weBetway Premiership eLoftus Stadium – uqala ngo-7.30 ebusuku.
UVan Wyk wajoyina amaBrazilians ngoJulayi esuka kwiSV Ried yase-Austria la abesehlale khona amasizini amabili.
Lo mdlali wasesiswini ubesebhentshini ngesikhathi iSundowns ishaya iGolden Arrows ngo-3-2 ngeSonto.
Ungene ngesiwombe sesibili futhi wenza umehluko ngokushesha.
U-Anthonio Van Wyk ushaye igoli lesithathu leMamelodi Sundowns, ekhombisa ubuchule obuhle.
Lokho kubonakala kumjabulisile uCardoso, osethathe isinqumo sokumfaka eqenjini eliqala umdlalo.
ISundowns ingena kulo mdlalo ifuna ukunciphisa igebe esele ngalo kwi-Orlando Pirates.
AmaBhakabhaka avule igebe lamaphuzu amathathu ngemuva kokushaya iKruger United ngo-4-0 ngoLwesibili.
- FUNDA NALA | UMbuthuma uphawula ngamagoli amsuse umthwalo
UCardoso uzothemba ukuthi uVan Wyk uzophinde abe nomthelela omkhulu ekuhlaseleni kweqembu lakhe.
Ibophele kanje iSundowns: Williams, Mdunyelwa, Modiba, Khoza, Kekana, Mokoena, B. Aubaas, Allende, Mathews, Van Wyk, Rayners.
Ebhentshini: Goss, Mvala, Morena, Basadien, Mokoena, Ndlovu, Zwane, Mailula, Leon.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
