
‘Ukuhoxa’ kweChiefs kuphoqe ukuhlehla kweMangosuthu Cup
Ngu-Alfred Ngubane
Ukungaphumeleli kweKaizer Chiefs emqhudelwaneni obusubhekwe ngabomvu, iPrince Mangosuthu Legacy Cup sekuphoqe ukuthi uhlehliswe.
Lo mqhudelwano bewukade uhlelelwe ukuthi ube kule mpelasonto ePrince Mangosuthi Regional Stadium Olundi. Bekuqokwe le mpelasonto njengoba kungeyemidlalo yeFifa amaqembu esekhefini.
Kodwa usuhlehliselwe iwindi elilandelayo ngoNovemba 16 kanti abahleli bawo iZululand District Municipality sebekuqinisekisile ukuhlehla kwawo.
“IZululand District Municipality, ngokubambisana namaqembu azodlala kulo mqhudelwano, ifisa ukumemezela ukuhlehliswa kwePrince Mangosuthu Legacy Cup.
“Lesi sinqumo silandela ukuxoxisana phakathi kwabahleli namaqembu azodlala kuwo okumanje asemkhankasweni yeCaf.
“Amaqembu acele umasipala ukuthi uhlehlise ngenxa yokubhekelela ukulimala kwabadlali nokuhamba kwalamaqembu ngempelasonto ka-18 kuya ku-19 Okthoba.”
ILisenethini seyithole ukuthi yiChiefs efake lesi sicelo njengoba ikhala ngokuthi inabadlali abaningi abalimele njengamanje efuna ukusebenzisa leli khefu ukuthi belulame.
“Ibeke isibalo esikhulu sabadlali ethe bathintekile kanti beyizothumela neqembu layo lenkulisa (elidlala kwiDStv Diski Challenge) kodwa nalo linemidlalo ngale mpelasonto.
“Yikho lokhu okudale ukuthi le midlalo ibe seyihlehliswa, futhi kungenza nangoNovemba igcine ingaqhubekanga,” kusho umthombo.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Isitatimende sikamasipala nokho sona sigcinzelela ukuthi amaqembu amenyiwe kulo mqhudelwano azibophezele ukuthi uzoqhubeka ngoNovemba 16.
IKaizer Chiefs neNsingizini Hotspur yaseSwatini badlala emiqhudelwaneni yeCaf. IChiefs ikwiConfederation Cup, kanti iNsingizini ikwiChampions League.
Amakhosi azoya eDemocratic Republic of Congo ngesonto elizayo njengoba ezobhekana ne-AS Simba yakhona ngo-Okthoba 17.
INsingizini nayo izokwamukela iSimba SC yaseTanzania ngosuku olufanayo, okwenze lo mqhudelwano kwaba nzima uqhubeke.
Ukusuka kwaMakhosi eGoli, aye Olundi bekuzoba yinto ezophazamisa izinhlelo zokuzilungiselela. Yisimo esifanayo nakwiNsingizini.
FUNDA NALA | UBroos ukhiphe elibabayo ngoBasadien okhethe imali kwiDowns
Imeya yomkhandlu, uMIchael Khumalo ubonge osihlalo bamaqembu ngokuzibophezela kwawo ekwenzeni lo mqhudelwano impumelelo.
“Yize siphoxekile ngokuthi imidlalo ngeke isaqhubeka kule mpelasonto njengoba bekuhleliswe, ngifisa ukubonga amakilabhu ngokuzibophezela ngokuvumelanga ngokuya phambili.
“Ikakhulukazi abanikazi bamakilabhu abafana noKaizer Motaung, uDerrick Shiba, uJabulani Buthelezi noSandile Zungu, ababe nesandla ezingxoxweni zethu.”
