Ezintsha

UBucs Mthombeni waqala ukuba neqembu eneminyaka engu-8

Usihlalo nomqeqeshi weCasric Stars uBucs Mthombeni uqale iqembu lakhe lokuqala eneminyaka eyisishiyagalombili nje kuphela. 

Lokhu kuvele ngesikhathi echaza ukuthi walithola kanjani igama lakhe elithi unguBucs, okuyisidlaliso se-Orlando Pirates. 

Njengamanje uBucs Mthombeni uyiqhawe ebholeni laseNingizimu Afrika ngemuva kokuba iqembu lakhe ligingqe izinkunzi ezisatshwayo kwiNedbank Cup.

ICasric Stars imangaze abaningi iqhufuza kulandelana i-Orlando Pirates naMaZulu FC ukuze ingene kowandulela owamanqamu.

Ebuzwa ngegama lakhe eliyingqayizivele, uMthombeni uveze ukuthi laqala esazidlalela ibhola lasemgwaqeni emakhaya KwaNdebele eMpumalanga. 

“Ngolunye usuku sahamba sayodlala umdlalo webhola lasemgwaqeni nabangani bami,” usho kanje kwabeKickOff.

“Futhi sasisadlala ngamabhola epulasitiki, sasijwayele ukudlala umdlalo wemizuzu engu-30 isiwombe ngasinye sibe yimizuzu engu-15.

“Ngalolo suku kwenzeka ukuthi nganginohlweza oluningi emaphaketheni ami.

“Futhi ngalezo zinsuku sasivame ukufaka u-10c noma u-20c ngomdlalo ngamunye.

“Ngakho-ke lapho ngikhipha lolu hlweza ephaketheni lami, abangani bami bamemeza bejabule…

“Omunye wabo wabe esenza uphawu lwamathambo lwe-Orlando Pirates wathi “Up The Bucs! Kusukela manje igama lakho unguBucs!’.”

Igama labe selimnamathela, naye walithanda ngoba wayevele engumlandeli we-Orlando Pirates.

“Ngaba ngumlandeli we-Orlando Pirates kusukela kusadlala oBashin Mahlangu, Mandla ‘Metroblitz’ Mthombeni, Botsotso Makhanya, Black Sunday Masegela, noTebogo Moloi. 

“Leso yisizukulwane sezitayela zezinwele ezixakile namashibobo,” kwengeza uMthombeni.

“Ngaba umnikazi weqembu ngisemncane, ngineminyaka eyisishiyagalombili ngase ngingumnikazi weqembu. 

“Iningi labantu alikholwa ukuthi ngaqala ukusebenza ngineminyaka engu-11 ngihola u-50c ngosuku ngokwelusa izinkomo emapulazini abelungu.

“Ngakho-ke ngamafuphi igama elithi Bucs lavela kubangani ngineminyaka eyisikhombisa… Kodwa sahlulwa ke kulowo mdlalo.”

UBucs Mthombeni kumanje ubonakala enza kahle kakhulu neqembu lakhe elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.

Ngaphezu kokuba esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup, lisendaweni yesihlanu kwiChampionship.