
‘Ayikho lento,’ kusho inkakha ikhala ngoKhanyisa Mayo kwiChiefs
Ingwazi yeKaizer Chiefs izifake zaphelela kuKhanyisa Mayo, ithi lo mgadli akalenzeli lutho leli qembu laseNaturena.
UPhumlani “BMX” Mkhize ukholwa ukuthi uMayo uyehluleka wukuhlangabezana nobekulindelwe kuye njengomgadli.
Ufike ethwelwe ngeqoma esuka eqenjini lase-Algeria, i-CR Belouizdad, kodwa uKhanyisa Mayo usashaye igoli elilodwa kuphela emidlalweni engu-12.
‘AYIKHO LEYO’
Abanye bekhombe ukulimala kukaMayo ekuqaleni kwesizini ngokuthi kube nesandla ekutheni angabi nomthelela ongakho eqenjini.
Kodwa uMkhize uwuchithile mbono wokuthi lo mdlali oneminyaka engu-27 udinga isikhathi esengeziwe ukuze azijwayeze.
“Ukhulele ebholeni laseNingizimu Afrika,” uMkhize usho kanje kwiKickOff kuleli sonto.
“Uliqonda kahle isiko lebhola lakuleli, akadingi ukuzijwayeza izimo.
“Ngiphoxeke kakhulu ngendlela athwale kanzima ngayo…
“Uma ungakwazi ukushaya amagoli, okungenani siza ke ukuwakha. Faka isandla ngokuthile eqenjini.”
Nakhu okukhathaza uMkhize ngesikhathi sikaMayo kwiKaizer Chiefs:
- Ukungabi namthelela: “Akukho akwenzayo,” kusho uMkhize, ephawula ukuthi ngisho nezinga lomsebenzi kaMayo nezibalo azizinhle.
- Uhlulwa nawuFlavio: Le nkakha iveze ukuthi uFlavio Silva okwamanje nguyena kuphela umgadli obonisa indlala edingekayo nokusebenza kahle phambili.
- Ukweqiwa yijezi: Njengamanje uMayo ukuthola kunzima ngisho ukungena eqenjini eliqalaimidlalo.
Lokhu kuyakhathaza njengoba ebolekisiwe ngenhloso yokuthi akhombise ikhono lakhe, abuyise nomgqigqo wakhe.
‘NGEKE AGCINWE’
UMkhize ubona lingekho lihle ikusasa lalo mgadli kuleli qembu laseNaturena.
Isivumelwano sokubolekiswa kwakhe kuleli siphela ekupheleni kwale sizini kodwa kunombandela okhona.
Nokho uBMX usola ukuthi abaphathi beChiefs ngeke bawusebenzise lo mbandela wokumsayina ngokugcwele.
“Ukudlala kukaMayo akuthembisi… Ngisola ukuthi ngeke agcinwe yiqembu ekupheleni kwesizini.”
FUNDA NALA | U-Ouaddou uchaza ngesimo sikaMakgopa kwiPirates
KuKhanyisa Mayo, isikhathi siyahamba. Njengoba iSoweto Derby isisemome, asikho isiteji esikhulu kunalesi angasisebenzisa ukugwinyisa abafana noMkhize amazwi abo.
Lowo wumdlalo owodwa angawusebenzisa ukukhombisa ukuthi uyakwazi ukumelana nesisindo sejezi leChiefs.
