EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs ihluliwe, kodwa ayisifeyilanga isivivinyo seDowns

Bekuvele kwaziwa ukuthi iMamelodi Sundowns iyona ezoba yisivivinyo esiqinile seKaizer Chiefs ngemuva kwesiqalo sayo esihle. 

Amakhosi avule le sizini yeBetway Premiership ngokunqoba kwiMarumo Gallants naMaZulu FC. 

Lokhu kubuyise isasasa eqenjini, ikakhulukazi kubalandeli asebekholwa wukuthi kukhona umlingo uNasreddine Nabi afike nawo. 

Futhi ke uma ubheka indlela edlale ngayo eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama yenza kube lula ubone kungani kubuye amathemba. 

Yize igcine ihlulwe ngo 2-1, kodwa ikhombisile ukuthi ngeke ishaywe kalula njengoba bekwenzeka kulamasizini ambalwa edlule. 

Empeleni nje kushode nenhlanhhla ohlangothini lweChiefs njengoba iwakhile amathuba amahle okushaya amagoli. 

Mhlawumbe-ke futhi kumele kunconywe unozinti weSundowns uRonwen Williams ovimbe amabhola abe mabi ezanywa abagadli beChiefs. 

IChiefs iyona ebilishaye kuqala igoli ngonyawo lukaRanga Chivaviro ngomzuzu wesishiyagalolunye. 

Kodwa iSundowns isheshe yaphendula, kwayiwa ekhefini seyivele isihamba phambili ngamagoli oLucas Ribeiro no-Iqraam Rayners. 

ElikaRayners nokho lisazokhulumisa njengoba bekumele ngabe alibalwanga kwazise bekukhona osesendaweni engamfanele ngesikhathi lingena. 

UThapelo Morena, okunguye ogobele uRayners ibhola, limfice esendaweni engamfanele, kodwa kwabaphamba onompempe lokho.