EzintshaKaizer Chiefs

Basho ukumudla luhlaza unompempe abeChiefs

Ushube ngendlela cishe edlulele kwebilindelekile umdlalo weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns eFNB Stadium. 

Ukushisa kulo mdlalo akukho enkundleni nje kuphela, kodwa nangaphandle njengoba ibhentshi leChiefs lilwa. 

IChiefs ihambe phambili ngomzuzu wesishiyagalolunye kulo mdlalo ngegoli likaRanga Chivaviro. 

Lo mgadli ukhombise ubuchule nokungatatazeli, edlula kuMosa Lebusa ngaphambi kokuthi aleqise phezu kukaRonwen Williams. 

Nokho iSundonws ibuyile ngomzuzu ka-31, uLucas Ribeiro eshaya elihle igoli ngemuva kokuthi ethole izitobha zeChiefs zithithibele. 

Ngomzuzu ka-37 u-Iqraam Rayners ube esebeka phambili iSundowns ngegoli elisuse umsindo. 

Unyawo lonwabu lukamabonakude luveza ukuthi uRibeiro ubesesendaweni engamfanele ngesikhathi ethola ibhola aligobele uRayners. 

Lokhu kulicasule kakhulu ibhentshi leChiefs ebelikhala ngokuthi bekumele lingabalwa leli goli. 

Baze babiza umsizi kanompempe ohlala ngaphandle bezombinisa kwi-iPad ukuthi bekungamele kube yigoli. 

Unompempe uze wagcina esethi ayisuswe ebhentshini le-iPad bakhala ngokuthi nabeSundowns banayo nje. 

Ekupheleni kwesiwombe sokuqala ibhentshi leChiefs libe selihlasela unompempe liyofuna izimpendulo. 

Kusize umqeqeshi uNasreddine Nabi obebaqoqa ebatshela ukuthi ababuyele egumbini lokushintshela.