
OweDurban City uphawula ngekusasa likaSimo Dladla
Usihlalo we-Durban City, uFarouk Kadodia, usekuqinisekisile ukuthi abakasithathi isinqumo esingujuqu ngekusasa lomqeqeshi uSimo Dladla.
Leli qembu laKwaZulu-Natal linyukele kwiBetway Premiership ngemuva kokunqoba iligi yeMotsepe Foundation Championship kule sizini.
Iqede beqhwakele kwilogi ngamaphuzu angu-58 emidlalweni engu-30 kanti inqobe engu-17, yadlala ngokulingana eyisikhombisa, yahlulwa kwesyisithupha kuphela.
Kodwa yize i-Durban City iphumelele emkhankasweni wayo, ikusasa likaSimo Dladla kuleli qembu aliqinisekisiwe.
Ekhuluma neFARPost, uKadodia ukucacisile ukuthi izingxoxo nalo mqeqeshi zisaqhubeka.
“Akukho lutho olungalungile oluqhubekayo ngomqeqeshi,” kusho uKadodia.
“Asikasithathi isinqumo okwamanje. Sisezingxoxweni zokubona ukuthi singafinyelela kanjani esivumelwaneni naye.”
Ukwenza kahle kweqembu kulesi sigaba kuke kwabukeka kuzofana neze ngenxa yamacala ebelibekwe wona.
Belisolwa ngokuthi lidlalise umdlali ongabhalisiwe ngendlela efanele uSaziso Magawana emidlalweni yalo.
Lokhu bekwenze kwaba nokusaba ukuthi uma itholwa inecala, izophucwa amaphuzu amaningi, igcine ingangenana esigabeni esikhulu.
I-JDR Stars neCape Town Spurs yibo abebefake lamacala kodwa kuwo wonke izinqumo zivune i-Durban City.
Njengamanje seyiqalile ukwenza amalungiselelo okudlala kulesi sigaba esiphezulu nokuqinisekisa ukuthi akuyiphinde okuyenze kumasizini amabili adlule idliwa yizembe.
Manje sekuvele ukuthi kulezi zinhlelo kukhona nezokushintsha umqeqeshi, kutholakale omunye.
Leli qembu kunamahlebezi okuthi likhuluma nomakadebona womqeqeshi u-Owen Da Gama, osanda kuvikisa iMagesi FC izembe kwiPremiership.
Nomqeqeshi weJwaneng Galaxy, uSean Connor, osanda kunqoba indebe i-Orange FA Cup eBotswana, ukhona ohlwini lwabahalelwayo.
Owayengumqeqeshi weBafana Bafana uRoger De Sa naye elakhe igama likhona kulolu hlu.
Nokho uKadodia ukubeke kwacaca ukuthi noma yisiphi isinqumo sizobe sisekelwe ekutheni yini elungele iqembu nekusasa lalo kwiBetway Premiership.
