EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs ucacisa eyemizamo yokuqola iSpurs ngomdlali

IKaizer Chiefs ike yasolwa ngokusebenzisa amaqhinga amabi ukuphoqa ukudayiselwa u-Asanele Velebayi weCape Town Spurs. 

Kwabikwa ukuthi iChiefs ithinte abazali balo mdlali, yabanxusa ukuthi baphushe iSpurs ukuthi ikugunyaze ukudayiswa kwakhe. 

Lokhu kwakulandela ukungaboni ngaso linye mayelana nemali yokuthenga lo mdlali oneminyaka engu-21.

Kodwa umqondisi weChiefs, uKaizer Motaung Jr., uyakuphika lokhu. 

Ekhuluma emsakazweni iRadio 2000 ngoLwesine, uMotaung Jr, uthe sebelulungisile udaba neSpurs. 

“Asikaze sikhulume nomdlali noma abazali bakhe,” kuchaza uMotaung Jr. 

Uphinde waveza ukuthi uke wakhuluma nesikhulu esiphezulu seSpurs, u-Alexi Efstathiou, owaxolisa. 

UMotaung Jr. ukugcizelele ukuthi iChiefs ayisoze yasebenzisa imikhuba efana naleyo uma ifuna umdlali. 

“Ngemuva kwalokho, ngikhulume no-Alexi (Efstathiou, isikhulu esiphezulu seSpurs) waxolisa futhi wacacisa ngokungaqondi kahle izinto. 

“Yinto iqembu (iChiefs) elingeke liyenze leyo,” kwengeza uMotaung Jr.

Nokho uvumile ukuthi ukudayiselana ngoVelebayi kungenzeka kungabe kusenzeka kuleli windi lokudayiselana ngabadlali. 

“Nakanjani siyamthakasela umdlali, kodwa esikubona kumfanele, neqembu lakhe elikubhekile kwehluke kakhulu. 

“Kumele sikubone kufanele ngokomqondo webhizinisi,” kusho lesi sikhulu saMakhosi.

Kubukeka emancane amathuba okuthi iChiefs imthole uVelebayi kule sizini, nakuba imfuna.