EzintshaOrlando Pirates

UMabasa ubhoboka ngosizi lokukhuhla ibhentshi kwiPirates

Obengumgadli we-Orlando Pirates, u-Tshegofatso Mabasa, usechaze ngendlela ayedideke ngayo ngesikhathi engasadlali njalo eqenjini.

Uthi wayengaqondi ukuthi kungani esebhekene naleso simo njengoba ekholwa ukuthi wayesaqhubeka nokwenza kahle uma enikwe ithuba.

UMabasa wagcina engasadlali njalo ngaphambi kokubolekiswa kwiStellenbosch FC. 

Ngaleso sikhathi kwakukhona imibiko eyayithi indlela ayesebenza ngayo uma engaliphethe ibhola nokucindezela izimbangi kwaba yimbangela yokulahlekelwa yindawo yakhe.

Kodwa ekhuluma ne-iDiski Times, u-Tshegofatso Mabasa uphikile ukuthi kwaba yilokho isizathu zokungadlaliswa kwakhe kwi-Orlando Pirates.

“Bekuyisikhathi esingididayo kakhulu. Ngingasho iqiniso, ngangizwa sengathi ngisawenza umsebenzi wami.

“Futhi nemiphumela ibibonakala, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ngaphandle kwebhola,” kusho uMabasa.

Uphinde wavikela indlela ayesiza ngayo iqembu uma lingaliphethe ibhola.

“Ngesikhathi uJose Riveiro esengumqeqeshi sasicindezela izimbangi ngendlela efanayo, nami ngangikwenza lokho. 

“Pho kungani manje sekuthiwa kuyinkinga? Yingakho ngithi bekungidida kakhulu.”

Lo mgadli uthe wanquma ukuqhubeka nokusebenza kanzima kunokuba adikibale.

“Ngaqhubeka nokuzethemba, ngisebenza kanzima ekuziqeqesheni nasemidlalweni yobungani. 

“Ngikholwa ukuthi ngenze konke obekulindelekile kimi. Okubuhlungu nje ukuthi ithuba aliphindanga lafika ngaleyo sizini.”

U-Tshegofatso Mabasa uthe lesi simo abhekane naso kwi-Orlando Pirates simkhulisile futhi samqinisa ngokomqondo.

Ukubolekiswa kwakhe kwiStellenbosch kwamsiza ukuthi azilungiselele isinyathelo esilandelayo emsebenzini wakhe.

UMabasa usejoyine izinkunzi zaseMorocco iMAS Fes okuwumnyakazo oqinisekiswe kuleli sonto.