DStv Premiership

Usephenduke inukani owelaseKZN ongakhokhi

Omunye wosihlalo bamaqembu ebhola elikhokhelayo KwaZulu-Natal usezakhele igama elibi kwizimenenja zabadlali.

Kuthiwa lo sihlalo usedume kabi ngokuthenga abadlali qede angabakhokheli izimali zokusayina, nezimenenja eyesibonelelo sazo zigcina ngokuyizwa kuxoxwa ngayo. 

Umthombo osondelene naleli qembu, esingeke silidalule okwamanje, uthe akuwuthusi ukuth leli qembu lihlezi linezinkinga ngabadlali abalifuna imali yabo ngodli. 

“U(emgagula ngegama) ongusihlalo we(egagula iqembu ngegama) usezakhele igama elibi kwizimenenja zabadlali ngokuzikweleta imali… 

“Namaqembu athenga kuwo abadlali kwesinye isikhathi ugcina ngokuwathembisa ukuwakhokhela kodwa bese ewaziba,” kusho lo mthombo.

“Lo muntu ukweleta abantu abaningi kakhulu imali futhi akafuni ukubakhokhela… 

“Kumanje amaqembu awasathandi ukumboleka abadlali nokumthengisela abadlali ngoba uyagodola nemali. 

“Ufuna ukubamba yonke imsebenzi eqenjini lakhe kodwa kukhona abantu abaqashiwe ukwenza leyo misebenzi.” 

Lo mthombo uveze nokuthi umqeqeshi eqenjini lalo sihlalo usuke eyisichuse nje ngoba nakhu yena engeke ahlale ebhentshini.

“Uthumela imenenja ukuthi ihambe iyohlebela umqeqeshi okumele akwenze,” kuqhuba lo mtombo.