Caf Champions LeagueEzintsha

Ubesecushwe unompempe uMaswanganyi ekhishwa

  • Sibongiseni GUMBI

Yiso lesi isizathu esishiwo umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro ngesikhathi ebuzwa ngokuthi umkhipheleni lo mdlali.

Abalandeli baphoxekile uMaswanganyi engasabuyi ngesiwombe sesibili somdlalo weCaf Champions League.

IPirates inqobe lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngo 4-0, kanti naye uMaswanganyi ulibhalile lakhe ebhukwini labashaye amagoli. 

“Uthole ikhadi eliphuzi esiwombeni sokuqala. Bekuneminyakazo embalwa ngasekupheleni kwesiwombe la unompempe ebesemcuphile.

“Ubesembheka ukuthi uzothini uma eqeda kuthatha isinqumo, ezama nokumchukuluza,” kusho uRiveiro.

Nokho ukuthi iPirates beyisivele isiwenzile umsebenzi, isihamnba phambili ngo 3-0, kwenze kwaba lula kuRiveiro ukumkhipha.

“Bekumele sehlise amathuba okuthi izitha zikwazi ukubuya ngokuthi sizame ukuqinisa esiswini. 

“Le midlalo, lo mqhudelwano uyasiza ekutheni nikhule njengeqembu,” kwengeza uRiveiro.

“Baningi abadlali abebedlala okokuqala kulo mqhudelwano, abanye bebedlala umdlalo wabo wokuqala kwiPirates. 

“Uhlukile lo mqhudelwano. Unzima. Umdlalo ngamunye kulo mqhudelwano awufani nomunye. 

“Uyinselelo ngezindlela ezahlukene. Kodwa ngiyajabula ukuthi abadlali bakhomba ukukhula nokuqina.

“Ngisebenzise abadlali abahlukene kule midlalo emibili yikuqala okuyinto enhle njengoba siqale ngemidlalo yomkhumulajezi. 

“Ngijabule ngendlela iqembu elihlangana ngayo, kancane kancane liyasondela kulento esiyifunayo.