EzintshaKaizer Chiefs

Kuhlazeke iChiefs kuvela isicelo sokudayiselwa umdlali

  • Sibongiseni GUMBI

Kule ncwadi esigcwele ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa isuka kwiChiefs, leli qembu lifuna ukudayiselwa umdlali. 

Le ncwadi inelogo yeChiefs futhi isayinwe yisikhulu esiphethe ezezimali kwiChiefs u-Abdullah Ismael Mayet. 

Nokho kukhona okukulencwadi okusolisa ukuthi ayiphumi kuleli qembu njengokuthi ayinakho lokhu okubizwa nge-letterhead. 

Kodwa ke inaso isigxivizo esibukeka kungathi ngesayo iChiefs yize kungelula ukukuqinisekisa lokhu.

“Mhlonishwa, kuyintokozo ukukwazisa ukuthi umqondisi wethu, uMnuz Kaizer Motaung Jnr nabaqeqeshi bethu bafisa ukuqala izingxoxo nekilabhu yakho ngomdlali wakho uMnuz Clement Mzize ukuthi ajoyine ikilabhu yethu ngokugcwele.

“Imali esiyibekayo yokuthenga lo mdlali ngu-USD200 000 ngombandela wokuthi nithole u-10% uma simdlulisela phambili. 

“Sethemba ukuthi uzosicubungula ngendlela esivunayo lesi sicelo nokuyingakho sifisa ukukubonga,” ifundeka kanje ingxenye yale ncwadi. 

Ngokwemali yakuleli, le mali ebekwa yiChiefs ibalelwa ku-R3.5 million okuyimali encane kakhulu uma ubheka izinga lo mdlali ofunwayo. 

Ngokwamahlebezi avele ehambisana nale ncwadi okungakacaci ukuthi ivelaphi, iYanga ifuna u-R17 million ngalo mdlali wayo oneminyaka engu-20. 

Noma ngabe iyiyona noma yipokloza le ncwadi, kodwa iyihlazile iChiefs futhi inhloso yoyikhiphile wukungcolisa igama leqembu. 

Izingxoxo zalolu hlobo zihlezi ziyimfihlo ephakathi kwamaqembu futhi akuvamisile ukuthi kuvezwe ukuthi kudayiselwane ngamalini.