EzintshaNedbank Cup

U-Ouaddou akayixegiselanga iCasric – ufuna ukudlula

Lezi ziqhwaga zaseSoweto zikhutshwe yiMamelodi Sundowns emdlalweni weligi wasekhaya kodwa obuseFNB Stadium ngoLwesithathu. 

Futhi manje ibuyela enqabeni yabo i-Orlando Amstel Arena ngomdlalo obalulekile weNedbank Cup la izogadulisana khona neCasric Stars. 

Ngemuva kokuhlulwa kabuhlungu ngo 2-1 yizimbangi zayo esicocweni seligi, umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ukhethe ukuliqinisa iqembu adlala ngalo.

Uhla lwabadlali abaqala umdlalo luveza ukuthi uzoqhubeka nohlaka lwe-4-3-3, oludle ngokuhlasela kakhulu. 

Njengoba iSoweto Derby, la izobhekana khona neKaizer Chiefs ilenga phezu kweqembu lakhe, u-Ouaddou ubanike ikhefu abanye babadlali bakhe abajwayeke ukuqala imidlalo. 

Nokho lokho akusho ukuthi uyixegisele iCasric Stars njengoba enikeze abadlali abasafuna ukuzakhela igama ithuba.

  • Amathemba kuDe Jong: U-Andre de Jong nguye ohola ukuhlasela kwe-Orlando Pirates.
    Uzolekelelwa uTshepang Moremi odle ngejubane noRelebohile Mofokeng odle ngobuhlakani bamaphasi amahle.
  • Injini esiswini: UMakhehlene Makhaula uyaqhubeka nokuba yinkika yeqembu esiswini la kubhekwe anqamule iminyakazo yeStars.
    Uzolekelelwa uPatrick Maswanganyi noMasindi Nemtajela okubhekwe bahlanganise iminyakazo eya phambili. 
  • Udonga lwasemuva: UNkosinathi Sibisi ungukaputeni weqembu kanti uzobambisana nomdlali omusha uMpho Chabatsane.
    Ezinhlangothini kukhona uDeano van Rooyen noDeon Hotto okulindeleke balekelele uma kuyiwa phambili kuhlaselwa.
  • Epalini: Yize bekubhekwe ukuthi kunikwe uMelusi Buthelezi ithuba, umqeqeshi unqume ukuqhubeka noSipho Chaine

Ibhentshi le-Orlando Pirates ligcwele abadlali abangakwazi ukungena bajike izinto uma leli qembu leMotsepe Foundation Championship libathwalisa kanzima.

U-Oswin Appollis noYanela Mbuthuma osemncane banikeza izinketho ezinamandla uma umdlalo usuya ngasekupheleni kungalungi.

Umdlali waseZimbabwe uDaniel Msendami naye uphakathi kwabasebhentshini okuzolindeleka bangene bajike izinto. 

Lolu hlu luphakamisa ukuthi u-Ouaddou ubeka phambili ukugcinwa kwebhola nokucindezela phambili ukuze agweme ukukeqwa yileli qembu abangalazi kahle. 

Ngenkathi izihlabani ezimbalwa ziphumule, ukufakwa kukaDe Jong noMoremi kukhombisa isifiso sokusheshe kuqedwe ngaolo mdlalo.

Lokho kuzokwenza amalungiselelo omdlalo weligi neChiefs angabi nengcindezi enkulu kakhulu.