Ezintsha

Ukhonjwa kwelaseLimpopo uMagazi osantunta nendishi

ISekhukhune United iyiqembu lakamuva leBetway Premiership ukukhombisa intshisekelo kumdlali wasemuva onamava uSiyanda “Magazi” Xulu. 

Lo mdlali wasemuva oke wagijima kwiBafana Bafana neKaizer Chiefs akanalo iqembu kusukela ahlukana neSuperSport United ekupheleni kwesizini edlule.

Ngokombiko wePhakaaathi, uXulu ubengabuyela phesheya ngemuva kokushiya aMatsatsantsa a Pitori kodwa akwangahlangana. 

Manje iBabina Noko kubikwa ukuthi ibheke lo mdlali wasemuva owakhulela kwiMamelodi Sundowns okukholakala ukuthi ubefunwa amaqembu eTurkey naseGulf Region.

“Bheka, uSiyanda ubengabuyela phesheya. Ngisho nangaphambi kokuthi ajoyine iSuperSport,” kucashunwe umthombo usho kanje.

“Kodwa kubukeka sengathi lokho kusamisiwe okwamanje ngoba iSekhukhune isakhombise intshisekelo kuye. 

“Uzokwengeza isipiliyoni eqenjini futhi angasiza umqeqeshi (uLehlohonolo) Seema owenza kahle eqenjini. 

“Uyazi ukuthi izinto zishintsha ngokushesha ebholeni futhi mhlawumbe elinye iqembu lingase lize kuye kodwa ake silinde sibone.”

Ngaphambi kokujoyina iSuperSport ngonyaka odlule, lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala ubedlala eqenjini lase-Azerbaijan iTuran Tovuz.

Uke waba nasemabhukwini eHapoel Tel Aviv e-Israel, nakwiMaritzburg United kuleli nakwiFC Rostov eRussia.