
UBarlett uxolela uKaizer Motaung ngabaqeqeshi bakuleli
– Alfred Ngubane
UShaun Bartlett, owayengukaputeni ngomgadli weKaizer Chiefs usihlalo waleli qembu, uKaizer Motaung ubenzile ubulungiswa kubaqeqeshi bakuleli.
UMotaung wake wasolwa kakhulu kulandela ukuthi alimisa ngembaba ukuthi akekho umqeqeshi wakuleli ongalunga kuleli qembu lakhe.
Kodwa kule minyaka eyisishiyagalolunye ubanikile ithuba, kodwa imiphumela yabaphika.
Yingakho uBartlett ethi ngeke manje esasolwa ngoba ubavulelile, bazihlulekela sebengaphakathi.
“Ubenzile ubulungiswa yena kubo, kodwa bona bamenzele phansi behlulwa ngumsebenzi,” kusho uBartlett.
“UKaizer Motaung usinikile ithuba lokuqeqesha iKaizer Chiefs kodwa thina sazihlulekela ngokwethu… Ngakho alikho icala esingambeka lona.”
IChiefs isike yaqasha uSteve Komphela, uGavin Hunt, u-Arthur Zwane, uCavin Johnson, noMolefe Ntseki.
Bonke laba baqeqeshi bahluleka bancama ukusiza iKaizer Chiefs kule minyaka eyisishiyagalolunye edlule.
OLUNYE UDABA: Isilungiswa umnyango wezemidlalo eyombango weHarry Gwala
Kuzokhumbuleka ukuthi labaqeqeshi bakhala ngokuthi abathengelwa abadlali abanohlonzo kodwa banikezwa abadlali abangekho ezingeni.
UBartlett ukhuluma kanjena nje naye uke wanikwa ithuba eyiphini lomqeqeshi kuleli qembu ngaphansi kuka-Ernst Middendorp.
