
Kuhlukene imibono kwabeDurban City ngoweBucs eMabhida
Ngu-Alfred Ngubane
Umdlali wasemuva we-Durban City FC, uFezile Gcaba, useveze ukungeneliseki kwabo ngokuthuthelwa kwemidlalo yabo eMoses Mabhida Stadium.
Ukhala ngokuthi lokhu kuba yisihazamiso kubadlali ngoba basuke besenkundleni abangayijwayele, okufana nokuthi nabo basekuhambeni.
Imidlalo yasekhaya yaleli qembu idlalelwa eChatsworth Stadium, kodwa uma lobhekene nezinkunzi zaseSoweto ithuthelwa eMabhida.
Lokhu kuba ngenxa yesibalo esiphezulu sabalandeli abasuke befuna ukuwubuka bukhoma lo mdlalo.
UGcaba nokho uyakhala ngalokhu. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo weBetway Premiership ne-Orlando Pirates.
Uthi le nkundla edume umhlaba wonke, evame ukuhanjelwa yizinkumbi zabantu uma kunomdlalo ofaka iKaizer Chiefs noma iPirates phakathi, iiphazamisa ukugxila kwabadlali.
“Sibone ngesikhathi sidlala neKaizer Chiefs ukuthi ukube besiwudlalela eChatsworth Stadium lowa mdlalo sasizobashaya.
“Saphazamiseka ezingqondweni ngokuba seMoses Mabhida,” kusho uGcaba, ekhumbula umdlalo wabo wangaphambili weligi bebhekene naMakhosi.
I-Durban City manje isibhekene nesinye isivivinyo esikhulu kwi-Orlando Pirates esefomini enhle ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou.
IPirates ikhombise umfutho omuhle kule sizini, kanti uGcaba uyavuma ukuthi akumele neze bayithathe ithathwe kalula.
Naphezu kwenselelo, le kilabhu ibuka lo mdlalo njengethuba elingaphezu kokulwela amaphuzu amathathu nje kuphela.
Usihlalo we-Durban City, uFarouk Kadodia, ukholwa ukuthi ukusingatha amaBhakabhaka eMoses Mabhida Stadium kuyithuba elihle lokuzimaketha.
UKadodia uthi lo mdlalo kulindeleke ukuthi udonse abalandeli ezweni lonke, okunikeza ikilabhu yakhe ithuba elingandile lokuzakhela igama ezingeni likazwelonke.
FUNDA NALA | Ezinhle ngoBaartman kwiChiefs
Lo mdlalo olindelwe ngabomvu kulindeleke ukuthi udlalwe enkundleni egcwele phama.
NgoLwesihlanu ntambama, bese kudayiswe amathikithi angaphezu kuka-35 000 alo mdlalo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
