Ezintsha

Ubani le nsizwa eqede iSuperSport, yavusa iSiwelele FC?

ISuperSport United ikuqinisekisile ngoLwesine ukuthi isidayisele i-Siwelele FC isitifiketi sayo seBetway Premiership.

Kodwa okuthakazelisa kakhulu kube yigama lomnikazi waleli qembu, uCalvin Le John. Ngabe ngubani le nsizwa?

Eminyakeni eyishumi nanhlanu edlule, washintsha buthule isibongo sakhe waba nguLe John — hhayi ngoba eqonde okubi, kodwa ukuze akhe buthule engasebenzisi igama likayise odumile.

UCalvin Le John uyindodana endala kaGayton McKenzie ongungqongqoshe wezemidlalo eNingizimu Afrika. 

Esitatimendeni esikhishwe yinkampani yakhe, uchazwa njengomuntu ongakaze alangazelele ukugqama noma udumo. 

“Ngenkathi abanye bejaha ukuvela kwabezindaba, yena ubehubha impumelelo buthule,” ifundeka kanje ingxenye yesitatimende.

Namuhla, kunesiphithiphithi ngokuthenga kwakhe iSuperSport United nokuyiguqula bese esungula i-Siwele FC emzwamweni wokuvuselela iBloemfontein Celtic. 

Kodwa lesi yisahluko nje esisodwa emlandweni omude wale nsizwa. 

Ngesikhathi uyise, uGayton engena kuhulumeni, uCalvin wathatha izintambo emabhizinisini akubo.

Lokhu kufaka phakathi izinkampani zezimayini, ezokuthutha, ezokuvakasha, ezokuzijabulisa, ezokushicilela, ne-EC Deal.

Abangaphakathi embonini bathi i-EC Deal ingesinye sezinyathelo ezinesibindi kwezamabhizinisi e-Eastern Cape. 

Kodwa ibhola? Lokho kuyintshisekelo anayo yena ngokwakhe. Futhi iSiwele FC akuyona ikilabhu nje. Kukufezwa kwesithembiso kubantu baseBloemfontein. 

Iyindlela yokuvusellea ukuziqhenya, uthando, nefa elidala likaNtate Petrus Molemela, umsunguli weCeltic.

UCalvin akajahile udumo. Wakha kabusha lelifa, futhi naye uzakhela elakhe nomndeni wakhe ngesikhathi esifanayo.