EzintshaOrlando Pirates

UMabasa udalula into eyodwa u-Ouaddou ayiguqule kwiPirates

Yize engaseyona ingxenye ye-Orlando Pirates, u-Tshegofatso Mabasa usakhuluma ngenhlonipho enkulu ngomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

Useveze ukuthi lo mqeqeshi ushintshe indlela abadlali abacabanga futhi abasebenza ngayo enkundleni.

Lo mgadli osanda kuhlukana nePirates uthe enye yezinto ezimvelele ngalo mqeqeshi waseMorocco wukuthi ufuna abadlali bakhe basebenze ngokuzikhandla kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komdlalo.

“Ungumuntu onobuntu, ngeke ngiqambe amanga ngalokho. Kodwa ufuna okuningi kubadlali bakhe,” kusho uMabasa kwiSoccerBeat.

“Ufuna ugijime, ugijime, ugijime uphinde ugijime. Lokho ubukubona nawe. Yilokho akufunayo kubadlali bakhe.”

Ngokusho kuka-Tshegofatso Mabasa, u-Abdeslam Ouaddou ufake umqondo omusha eqenjini wokuthi abadlali bangalokothi badikibale noma bacabange ukuthi ibhola alisafinyeleleki.

“Manje ngisho noma ngibona ukuthi ngeke ngifinyelele kuleliya bhola, ngisazokwenza lowo mzamo wokugcina wamamitha ambalwa. 

“Lowo umqondo awufake eqenjini,” kuchaza uMabasa okubhekwe ngabomvu ukuthi uzothathwa yiliphi iqembu.

Lo mdlali uthi umphumela walokho ubonakale ngokusobala ngesizini edlule, lapho abadlali bePirates beqhubeka nokucindezela izimbangi ngisho sekudlule imizuzu engu-90.

“Bheka indlela iqembu eligijima ngayo kuze kube sekugcineni,” kuqhuba yena. 

“Ngisho nangomzuzu ka-90 abadlali bbasuke besagijima sengathi umdlalo usaqala. 

“Uma ubheka izibalo zomsebenzi abawenzayo enkundleni, kuyamangaza.”

U-Tshegofatso Mabasa ukholwa ukuthi lesi simo sengqondo esifakwe ngu-Abdeslam Ouaddou sibe yisikhali esibalulekile esisize iPirates ukuthi inqobe izicoco ezintathu.

“Ngicabanga ukuthi lena ngenye yezinto ezinkulu azilethe eqenjini. 

“Kubonakala sengathi iyasebenza kubadlali, naseqenjini nje lilonke.”