
ULebese weluleka abadlali ngokuthembeka eqenjini elilodwa
Owayeyisihlabani seKaizer Chiefs uGeorge Lebese usenxuse abadlali bePremier Soccer League ukuthi bazibeke phambili — exwayisa ngokuthi ukuthembeka ebholeni akunambuyiselo.
Ekhuluma kwi-Engineer Your Life, uGeorge Lebese uthe abadlali kufanele bayeke ukubeka phambili amakilabhu angeke abasize ngalutho sebeqedile ukudlala kuwo.
“Udinga ukuzibeka wena phambili. Akukho ukuthembeka ebholeni — lutho,” kusho yena.
“Ngike ngabona abadlali behlala bethembekile ekilabhini iminyaka, bese belahlwa kuhle kwenyongo yenyathi uma bengasadingeki. Ekupheleni kosuku, awasizi ngalutho.”
UGeorge Lebese, owaduma kwiKaizer Chiefs, uchithe cishe iminyaka eyishumi eNaturaena ngaphambi kokudlulela kwiMamelodi Sundowns ngo-2017.
Ukushiya kwakhe kuMakhosi kwashaqisa abalandeli abaningi, kodwa kuLebese, kwakumayelana nokuzibhekelela — nokuthola okungcono.
Yize engazange aqhathanise noma asho gama lamuntu, kodwa kuzwakale sengathi ubekhuluma ngowayengunozinti waMakhosi u-Itumeleng Khune.
Ngemuva kokuchitha iminyaka engu-25 kule kilabhu yaseNaturana, uKhune walahlwa kumasizini amabili edlule.
“Bakuletha eqenjini, udlale iminyaka engu-10, bese bekulaxaza uma sekukhona ithalente elisha,” kuchaza uLebese.
“Uyawenqaba amanye amathuba ngenxa yokwethembeka, futhi lapho ikilabhu yakho isithi cha kuwe, usala unani?”
FUNDA NALA | U-Ouaddou weluleka uTLB ngokuhlonipha
Umlayezo kaLebese ucacile — ebholeni, imizwa ayisebenzi ngoba ayizikhokhi izikweletu.
Umsebenzi wakhe waphela ngaphambi kwesikhathi esasilindelwe, kodwa uthemba ukuthi abadlali bamanje bazofunda kuye.
