
Okwenza uMcKenzie eseke i-US ngokuxosha owaseSomalia
Ungqongqoshe wezemidlalo, u-Gayton McKenzie usechaze ngokusobala ukuthi kungani engaboni lutho olungalungile ngokunqatshelwa kokungena kunanompempe wase-Somalia e-US.
U-Omar Artan, oneminyaka engu-34 ubudala, ubezoba ngowokuqala ezweni lakhe ukuphatha umdlalo kwiNdebe yoMhlaba.
U-Artan wagcina ebuyiselwe ekhaya ngemuva kokuthi iziphathimandla zase-US zingamvumelanga ukungena kuleliya lizwe.
Ekhuluma ohlelweni kwiMarawa Sports Worldwide, u-Gayton McKenzie uthe ulwazi abalutholile lukhomba ukuthi le nsizwa yase-Somalia yahamba ngepasipoti yezobunxusa nakuba engesona isikhulu sikahulumeni.
“Ngokolwazi esilutholile, lo sompempe uhambe ngepasipoti yezobunxusa,” kusho uMcKenzie.
“Okokuqala nje, yena akayena usomabhizinisi kahulumeni… Kwamina ukube benginguMengameli, bengingeke ngimvumele angene.”
Lo ngqongqoshe uphinde wavikela indlela i-US ephatha ngayo izindaba zokungena kwabantu ezweni layo.
“Ngiyayihlonipha imithetho yase-US. Bonke abantu baseNingizimu Afrika abebeya kwiNdebe yoMhlaba bathole ama-visa abo. Pho inkinga ikuphi?” kubuza yena.
UMcKenzie uphinde wagcizelela ukuthi ubudlelwano phakathi kukamengameli waseFIFA, uGianni Infantino, nomengameli wase-US, uDonald Trump, abumkhathazi neze.
“U-Infantino wenze okuningi ebholeni lase-Afrika. Ube nomusa kakhulu kithina,” kuqhuba yena.
“Anginandaba nobudlelwano bakhe noTrump. Le Ndebe yoMhlaba ayiyona lento abantu abayicabangayo.”
Ekugcineni, uMcKenzie wenze amazwi azovusa impikiswano, ethi ukhathalela kuphela ukuthi iqembu laseNingizimu Afrika liphatheke kahle.
“Uma iNingizimu Afrika iphatheke kahle, abadlali bethu bethole ama-visa, neqembu lethu lihleleke kahle, mina ngenelisekile.
“Uma kumiswa unompempe waseGhana bese abantu baseGhana befisa iBafana ihlulwe, ucabanga ukuthi ngizokhala? Cha mina anginjalo,” kusho uMcKenzie.
La mazwi ka-Gayton McKenzie ngonompempe wase-Somalia asevele asuse izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bayameseka, kanti abanye bambona engakhombisi ukuzwelana no-Artan, obengaqopha umlando ebholeni laseSomalia.
