EzintshaOrlando Pirates

UMoremi uveza okumjabulisa ngePirates kwisizini ezayo

Umdlali we-Orlando Pirates, uTsepang Moremi useveze okumjabulisa kakhulu ngaleli qembu njengoba lilungiselela isizini etsha.

Uthi indlela abadlali abasebenzisana ngayo njengoba iqembu liqhubeka nekhempu yalo yokulungiselela isizini eSpain yinhle kakhulu.

UMoremi ube yisihlabani ngesikhathi iPirates ibuya ngemuva yanqoba ishaya iCádiz CF edlala kwiSegunda Division yaseSpain ngo 2-1 emdlalweni wobungani ngoMgqibelo ebusuku. 

Ushaye igoli lokulinganisa ngaphambi kokwakhela uDaniel Msendami elokunqoba.

Lokhu kulandele ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neCórdoba CF ekuqaleni kwesonto, njengoba amaBhakabhaka eqhubeka nokulungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Tsepang Moremi uthe ukuwina kuveze ubunye obukhona kwi-Orlando Pirates.

“Ngijabule ngomphumela wanamuhla ngoba siwusebenzele njengeqembu,” kusho uMoremi.

“Akulula ukudlala lapha ngoba kushisa kakhulu, kodwa ngiyajabula ngokuthi sikusebenzele ukunqoba. Isimo ekhempini sihle futhi wonke umuntu ujabulile.”

Uthe okuhlaba umxhwele kakhulu yindlela abadlali abasizana ngayo enkundleni.

“Ngithanda indlela abafana abasebenzisane ngayo nendlela esisizane ngayo. Bekungelula neze,” kuqhuba yena.

UMoremi uthe uyajabula nangendlela adlale ngayo, kodwa ugcizelele ukuthi inhloso enkulu ukwakhela empumelelweni yesizini edlule.

“Ngijabule ngendlela engidlale ngayo ngoba yilokhu ebesikwenza kusukela ngesizini edlule. 

“Uhlelo wukwakhela kulokho esakwenza ngesizini edlule bese siba ngcono nakakhulu kule sizini.”

Uvumile ukuthi ukushisa eSpain kuyinselelo, kodwa ukholwa ukuthi kuzolungiselela iqembu izimo ezinzima elizobhekana nazo uma kuqala isizini.

“Isimo sezulu sishisa kakhulu, kodwa akukho esingakwenza ngaphandle kokusebenza kanzima. Lokhu kuzosenza silungele ukuqala kwesizini,” kuphetha yena.

I-Orlando Pirates isazodlala imidlalo emithathu eSpain ngaphambi kokubuya, kanti abalandeli bazothemba ukuthi u-Tsepang Moremi uzoqhubeka nomgqigqo wakhe.