
UMokoena ufuna bambele iPirates umgodi onzulu kwiligi
U-Teboho Mokoena useveze ukuthi ufuna bambele i-Orlando Pirates omkhulu umgodi embangweni weBetway Premiership njengoba ingekho.
IPirates ayidlali kwiligi kulezi zinsuku njengoba isiqale umkhankaso wayo weCaf Champions League.
Lokhu kunike iMamelodi Sundonws ithuba lokuvula igebe kwilogi.
Njengoba inqobile ngempelasonto, seyivele iphambili ngamaphuzu amathathu.
Futhi uma ingaphinde iyishaye iSiwelele FC njengoba kulindelekile ngoLwesithathu, kuzoba yigebe lamaphuzu ayisithupha.
Uma iqhubeka nomgqigqo wokunqoba nakwiChippa United ngempelasonto ezayo, igebe lizoba ngemaphuzu ayisishiyagalolunye.
Yize iPirates izobe isele emuva ngemidlalo, ingcindezi izobe seyiphezulu uma seyiqala ukuvala igebe.
U-Teboho Mokoena, ongomunye wabadlali abadala eqenjini, uthi yilokho kanye abakufunayo kule midlalo.
“Kuyiqiniso ukuthi imidlalo yethu emithathu elandelayo ibalulekile kithi,” kusho uMokoena.
“Sidinga amaphuzu ayisishiyagalolunye ukuze sibe sendaweni enhle kakhulu.”
Uphinde wakhuluma nangomdlalo obewunzima bebhekene neGolden Arrows ngempelasonto edlule.
“Bekuwumdlalo onzima. Ngicabanga ukuthi sidlale kahle esiwombeni sokuqala,” kuchaza lo mdlali.
- FUNDA NALA | UNgwenya uveza esaluleko asithola kuBilliat
“Kodwa kwesesibili besingekho ezingeni elijwayelekile. Uma singalungisa ukuhlasela kwethu, sizoshaya amagoli amaningi.”
Ibophele kanje iSundowns (4-3-3): Williams – Mdunyelwa, Modiba, Khoza, Ndamane – Mkhulise, Van Wyk, Mokoena – Mailula, Leon, Lethlaku
Ebhentshini: Goss, Mvala, Morena, Basadien, Allende, Zwane, Ndlovu, Mathews, Rayners
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
