EzintshaKaizer Chiefs

Ingabe sekuhluhlene inhloko nesixhanti kuCele neChiefs?  

Ikusasa lomdlali wasesiswini seKaizer Chiefs, uThabo Cele, selisengcupheni ngemuva kokuthi eshiywe ngemuva ngesikhathi iqembu liya ekhempini yokulungiselela isizini eSpain.

Amakhosi ahambe ngoLwesine ngaphansi komqeqeshi uFernando Da Cruz, ozohola iqembu emidlalweni yobungani ezokuba seSpain ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika.

IChiefs izobhekana neRangers FC yaseScotland ngoJulayi 12, ilandele ngomdlalo ne-Al Kholood yaseSaudi Arabia ngoJulayi 15, bese iphetha ngokudlala ne-Elche CF yaseSpain ngoJulayi 18.

Ukushiywa kuka-Thabo Cele kulolu hambo lwe-Kaizer Chiefs sekudale ukuqagela ngokuthi izinsuku zakhe eNaturena sezibaliwe. 

Kubikwa ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-29 udubala nabamphethe sebeqalile ukubheka amathuba amasha angase amvulele umnyango kwenye ikilabhu.

UCele wajoyina iChiefs ngoJanuwari ka-2025 mahhala ngemuva kokuhlukana neqembu laseRussia, iFakel Voronezh. 

Amakhosi ayesemlandele isikhathi eside ngaphambi kokuba amsayinise.

Lo mdlali wenza kahle ngesikhathi efika, wadlala indima ebalulekile ekusizeni iChiefs inqoba iNedbank Cup yaqeda isomiso sezindebe esasithathe iminyaka eyishumi.

Nokho, ukulimala kumphazamisile ngesizini edlule futhi kwanciphisa amathuba akhe okudlala njalo. 

Selokhu u-Thabo Cele afika kwi-Kaizer Chiefs usedlale imidlalo engu-36 kuyo yonke imiqhudelwano.