
UNdlovu nabazokwenza ukugwema ‘ukudidwa’ i-Arrows okwesibili
Umdlali weMamelodi Sundowns, u-Siyanda Ndlovu, uthi bazokwenza konke okusemandleni abo ukuze baguqule umphumela uma sebebhekene ne-Golden Arrows.
La maqembu azophinde abhekane ngeSonto emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.
Umdlalo uzodlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlazi kanti uzoqala ngo-3 ntambama.
I-Arrows ihamba phambili ngo 1-0 ngemuva kokunqoba iSundowns emlenzeni wokuqala ePitoli ngempelasonto edlule.
UNdlovu uyazi ukuthi iSundowns idinga ukwenza kahle ukuze iguqule lo mphumela.
Uthi ukushaya amagoli amaningi kuzobaluleka kakhulu ukuze benze izinto zibe lula.
“Ngicabanga ukuthi lona umdlalo omkhulu futhi ngeke ube lula,” kusho uNdlovu.
“Kodwa esingabathembisa khona abalandeli ukuthi sizolwa ngamandla ethu onke.
“Ngicabanga ukuthi sidinga ukushaya amagoli amaningi ngangokunokwenzeka.
“Lokho kuzosisiza kakhulu ukuthi sithole umphumela esiwufisayo.”
U-Siyanda Ndlovu uphinde wakhuluma ngendlela acabanga ukuthi i-Golden Arrows ingawudlala ngayo lo mdlalo.
“Anginaso isiqiniseko, kodwa ngicabanga ukuthi bangawudlala ngendlela efanayo naleyo abadlale ngayo emlenzeni wokuqala.
“Ngiyethemba ukuthi kulokhu sizokwazi ukubhekana nakho,” kusho yena.
- FUNDA NALA | IDowns ikhulule obefike ethenjiwe
Akungabazeki ukuthi u-Siyanda Nldovu uzophinde abe ngumdlali obhekwe kakhulu kulo mdlalo ne-Golden Arrows njengoba engenzanga kahle kowokuqala.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
