
UHugo Broos uvume engcindezi eqoka ele-Afcon
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uvumile ukuthi ukukhetha isikwati sokugcina sabadlali abangu-25 abazoya kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) kube wumsebenzi onzima.
UHugo Broos nokho ubelokhu ekusho usenawo umgogodla weqembu – okungabadlali okungenani abangu-80% weqembu – kodwa kudingeke ukuthi angeze abanye ukuqedela iqembu.
Uqale waqoka abadlali abangu-54 okudingeke azoqoka kubo abangu-25 abazoya eMorocco ngasekupheleni kwale nyanga ukuyodlala kwi-Afcon.
“Into yokuqala oyifunayo ukuba nohlu olukhulu lwabadlali ukuze ube nesamba esikhulu ozokhetha kuso,” kusho uBroos ngoMsombuluko.
Ubekhuluma kwiLaduuma kwiSABC 1 esekhaya eBelgium lapho eseholidini khona ngaphambi kwalo mqhudelwano olindelwe ngabomvu.
“Kodwa uma kufanele usuke kubadlali abangu-54 uye kwabangu-25, lokho kusho ukushya ngaphandle abadlali abangu-3o. Bonke labo badlali bayafuna ukuya kwi-Afcon.
“Bekungelula. Kwezinye izindawo bekulula, kodwa kwabanye mina noHelman (Mkhalele iphine lakhe) bekumele sithathe isikhathi esengeziwe ukucabanga ngakho.”
UHugo Broos uphinde waveza ukuthi abadlali be-Orlando Pirates abakhethile eqenjini lakhe lokugcina bazonikezwa usuku noma ezembili ezengeziwe zokuphumula ngaphambi kokujoyina ikhempu yeBafana.
IPirates idlala kowamanqamu weCarling Knockout Cup neMarumo Gallants ngoMgqibelo ntambama ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
“Abadlali be-Orlando Pirates bangase banikezwe ezinye izinsuku ezimbalwa zeholide ngoba bazobe kade bedlale ngoMgqibelo.
“Kodwa ngoLwesithathu noma ngoLwesine sifuna ukuthi iqembu lonke liqale amalungiselelo. Ngethemba ukuthi sizothola imbangi esizodlala nayo ngoDisemba 17,” kusho uBroos.
FUNDA NALA | U-Ouaddou akakhathazekile ngekhefu le-Afcon
Uliqoke kanje iqembu lakhe uBroos, okungangabazeki ke ukuthi lizolandelwa yizimpikiswano njengoba kukhona abadlali abasalile abebebhekiwe ukuthi bangene.
- Onozinti: Williams, Goss, Chaine
- Abasemuva: Mudau, Sibisi, Mbokazi, Modiba, Matuludi, Ngezana, Ndamane, Kabini, Smith
- Abasesiswini: Mokoena, Mbatha, Aubass, Sithole
- Abagadli: Nkota, Mokwana, Mbule, Mofokeng, Appollis, Moremi, Campbell, Foster, Makgopa
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
