
Okwenza u-Ouaddou angakhathazeki ngekhefu le-Afcon
Ngu-Alfred NGUBANE
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslami Ouaddou, uzwakalise umbono ohluke kakhulu kuneyozakwabo bePSL ngekhefu elide le-Africa Cup of Nations (Afcon).
Ngemuva kwale mpelasonto esiya kuyo, iPSL izothatha ikhefu elide njengoba kuzobe sekuqala amalungiselelo e-Afcon.
Lo mqhudelwano wamazwe ngamazwe uzosingathwa yiMorocco kusukela ngoDisemba 21 kuze kube maphakathi noJanuwari.
U-Ouaddou uveze ukuthi i-Afcon ayimkhathazi nhlobo, ikakhulukazi njengoba abadlali abaningi be-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi baqokelwe eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Akakhathazekile ngabazohamba neBafana ukuya eMorocco ngoba bazobe beqhubeka nokujima nokudlala kulo mqhudelwano.
Kubadlali abangeke baqokwe ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, u-Ouaddou unohlelo olucacile ngabo.
“Sisazoxoxisana nabaphathi ngokuthi bazonikwa isikhathi esingakanani sikuphumula, bese ngemuva kwalokho siqhubeke nomsebenzi.
“Ngizoqinisekisa ukuthi bahlala besesimweni esiphezulu njengoba kuzoba nohlelo lokudlala imidlalo eyahlukene yobungani,” kusho u-Ouaddou.
Lo mqeqeshi ubekhuluma ngemuva kokucoboshisa iDurban City ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.
I-Orlando Pirates inabadlali abangu-12 abaqokwe esikwatini sokuqala seBafana kanti okungenani abayisishiyagalombili kubo kulindeleke ukuthi bangene esikwatini sokugcina.
FUNDA NALA | IZamalek ifake isikhalo ngomdlalo weChiefs
UBroos uzomemezela iqembu lakhe lokugcina azoya nalo kwi-Afcon ngo-12 emini ngoMsombuluko.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
