
UChaine uveza okudingwa yiPirates ukuvikela izicoco
Unozinti we-Orlando Pirates, u-Sipho Chaine, uthi impumelelo yesizini edlule ngeke isize lutho uma iqembu lingangeni kwisizini ka-2026/27 linomqondo omusha.
IPirates ibe nesizini emnandi ngo-2025/26, yanqoba izicoco ezintathu zasekhaya, okuyiMTN8, iCarling Knockout neBetway Premiership.
Iphinde yaqeda ukubusa kweMamelodi Sundowns, eebisinqobe iligi amasizini ayisishiyagalombili kulandelana.
Abadlali be-Orlando Pirates baphinde bazidlela amahlanga emiklomelweni yePSL ngenxa yokudlala kahle kwabo.
U-Sipho Chaine yena uklonyeliswe ngokuba ngunozinti ovelele wesizini ka-2025/26.
Nokho, uthi konke lokho sekudlulile futhi iqembu kumele licabange ngendlela ehlukile uma lifuna ukuqhubeka nokunqoba.
“Njalo ngesizini kufanele sibe nomqondo ohlukile,” kusho uChaine kuleli sonto.
“Okusebenze ngo-2025/26 ngeke kusebenze ngo-2026/27. Kumele senze kangcono thina nabo bonke abaxhumene nePirates.”
U-Sipho Chaine uthe manje i-Orlando Pirates isiyiqembu elizingelwayo, okusho ukuthi wonke amaqembu azimisele ukuyihlula.
“Sesiyiqembu elizingelwayo, hhayi elizingelayo. Lokho kudinga indlela entsha yokucabanga nokuzilungiselela,” kusho yena.
- FUNDA NALA | UZwane uxwayisa isihlabani soSuthu
IPirates izovula isizini yeBetway Premiership ngomdlalo neMilford FC e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
