
Kusolwa ukuxoshwa kabuhlungu ngokushona komqeqeshi
- Intatheli yeLISENETHINI
U-Ehab Galal, ongumqeqeshi ohlonishwayo ebholeni lase-Egypt, ushone eneminyaka engu-57 ngemuva kokuxinwa ukugula isikhashana.
Ukushona kwakhe kulandela ukuxinwa yisifo sohlangothi, esamhlasela ngoSepthemba 1, 2024, kwaba yisiqalo sokuwohloka kwempilo yakhe.
Naphezu kokungenelela kodokotela, isimo sikaGalal saba sibi kakhulu, kanti kugcine kumnqobile ngoLwesithathu ntambama.
UGalal, owayengumdlali wadlulela ekuqeqesheni, usebenze emaqenjini ehlukene okukhona kuwoi-El-Makkasa, i-ENPPI, iZamalek, iPyramids FC, ne-Ismaily.
Kodwa-ke, kube yisikhathi sakhe esifushane eqenjini lesizwe lase-Egypt okusolwa ukuthi simhlukumeze waze wagcina esehlaselwa yilesi sifo.
Umngani wakhe omkhulu nobeyiphini lakhe isikhathi eside, uHamad Ibrahim, uveze ukuthi uGalal uthwale kanzima ngemuva kokuxoshwa eqenjini lesizwe esasebenze inyanga nohhafu.
“Indlela axoshwa ngayo eqenjini lesizwe yamhlukumeza ngempela,” kusho uHamad kwiKingFut.com.
“UGalal ubefake inhliziyo yakhe yonke ekubeni ngumqeqeshi ongcono kakhulu we-Egypt.
“Uzame konke waze wathola nezicucu eziphezulu zokuqeqesha.
“Ukudedelwa ngokushesha kangaka emsebenzini ohlonipheke kangaka kwamlimaza kakhulu.”
Ngemva kokuxoshwa kwakhe, uGalal wachitha izinyanga ezimbili e-United States, engafuni ukubuyela eGibhithe.
Kwaba ngemuva kokuncenga okuningi ngaphambi kokuthi abuyele khona.
NgokukaHamad, uGalal wayehlale ezibophezele emsebenzini wakhe futhi enakekela ngokujulile ozakwabo nabasondelene naye.
OLUNYE UDABA: UMngqithi uchaza ekaMudau noMokoena kwiDowns
Engxoxweni yabo yokugcina, eyaba ngosuku olwandulela aqala ukuxineka kakhulu ngalo, lo mqeqeshi ongasekho wacela uHamad ukuthi azinakekele yena, umndeni wakhe nomzukulu wakhe.
