
UMosala ugajwe uMaMkhize waqashwa yiPirates
Umqeqeshi waseNingizimu Afrika u-Selaotse “Sly” Mosala useqokwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi omusha weMoneni Pirates eSwatini.
UMosala uthatha izintambo kuMathews “Chaka Chaka” Mandlazi waseMozambique, obepheka iBhakajuju ngaphambi kokuba iqembu linqume ukwenza ushintsho.
Lo mqeqeshi usanda kuhlukana neqembu likaShauwn “MaMkhize” Mkhize, iMbabane Highlanders Andile Mpisane (AM) FC, lapho abeqeqesha khona ngesizini edlule.
Manje uzothola ithuba elisha lokwakha iqembu elizoncintisana ezingeni eliphezulu ebholeni laseSwatini.
UMosala waziwa njengomqeqeshi othanda ibhola elihlaselayo nokunikeza abadlali abasebancane amathuba okuziveza.
Kulindeleke ukuthi u-Selaotse Mosala afike nezinguquko ezizophakamisa izinga kwi-Moneni Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
Abaphathi beMoneni Pirates bakholwa ukuthi ulwazi lwakhe namava akhe ebholeni laseNingizimu Afrika kuzoletha umehluko omkhulu eqenjini.
Ukuqokwa kwakhe sekwamukelwe kahle ngabalandeli, abanethemba lokuthi uzobuyisela iqembu endleleni yokulwela izindebe.
- FUNDA NALA | UBenni noRulani bachizele iBafana
Manje wonke amehlo azobe ebheke ukuthi uMosala uzoliqala kanjani leli khasi elisha, njengoba elindeleke ukuthi aqale amalungiselelo esizini ngokushesha.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
