AmaZuluEzintsha

UZungu uziphendulela kwabangabaza kweseSafa

Umengameli waMaZulu FC, u-Sandile Zungu unethemba elikhulu lokwenza kahle okehthweni lokwengamela iSafa ngoSepthemba. 

Uthi unethemba lokuthi uzothola ukwesekwa yizo zonke izifunda zaKwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho.

UZungu uvumile ukuthi ukuthola ukwesekwa yisifundazwe sakubo kubalulekile emkhankasweni wakhe wokufuna ukususa uDanny Jordaan esikhundleni.

NgokweSports Wire, kweziyi-11 izifunda zaseKZN, usevele uthole ukwesekwa okuqinisekisiwe ezifundeni ezine – Amajuba, uMgungundlovu, uThukela neKing Cetshwayo.

Yize ezinye izifunda zingakazivezi ngokusemthethweni, u-Sandile Zungu uthi unesiqiniseko sokuthi zizomeseka ngaphambi kosuku lokhetho.

“IKwaZulu-Natal inezifunda eziyi-11 kanti i-Eastern Cape inezisishiyagalombili. 

“Ngicabanga ukuthi senza kahle kakhulu kuzo zombili lezi zifundazwe,” kusho uZungu.

Uthe uyakuqonda ukuthi abanye bebengakakulungeli ukumemezela ukumeseka njengoba engene sekwephuzile emjahweni.

“Nginesiqiniseko sokuthi ngesikhathi siya engqungqutheleni yokhetho, zonke izifunda zaseKZN zizobe zisemva kwalo mkhankaso,” kuqhuba yena.

Muva nje iphini likamengameli weSafa, uBennet Bailey, lihoxise ukungenela ukhetho ukuze lixhase uZungu.

UZungu uphinde waphikisa imibuzo ephathelene nokufaneleka kwakhe ukungenela ukhetho.

Uthi usechithe iminyaka engaphezu kweyi-14 esebenza ezinhlakeni zebhola laseNingizimu Afrika futhi selokhu athenga AmaZulu FC ngo-2020 iqembu lenza kahle kakhulu.

“Abantu bangaba nemibono ehlukene, kodwa abakwazi ukusho ukuthi asingifanele lesi sikhundla. Ngikufanele ngokuphelele,” kuphetha u-Sandile Zungu.