
IChiefs nezingezihle ngaphambi koweStellenbosch
I-Kaizer Chiefs isiqinisekise ukuthi inabadlali abane abasenenkinga yokulimala ngaphambi komdlalo wayo weBetway Premiership neStellenbosch FC ngoLwesibili.
Amakhosi azobhekana neStellenbosch eFNB Stadium ngo-7.30 ebusuku, kanti uFernando Da Cruz unethemba lokuba neqembu eliqinile azodlala ngalo.
Abadlali abangatholakali kulo mdlalo nguBrandon Petersen, uLebohang Maboe, uLangelihle Phili noSiphesihle Ndlovu.
“IChiefs inabadlali abane abalimele,” kusho ikilabhu esitatimendeni.
“UBrandon Petersen useqalile ukujima ngayedwana ngemuva kokwelulama ekulimaleni edolweni.
“ULebohang Maboe – osedlale yonke imidlalo yeChiefs kule sizini – welashwa ukulimala eqakaleni kanti enoPhili noSiphesihle Ndlovu basazohlala isikhathi eside bengadlali.”
Ukubuyela kukaPetersen ekuziqeqesheni kuyizindaba ezikhuthazayo kwi-Kaizer Chiefs esemkhankasweni wokwenza kahle kwiligi.
Kodwa ukungabikhona kukaMaboe kungaba yinkinga njengoba ebe yingxenye ebalulekile yeqembu kule sizini.
IChiefs iphinde yaqinisekisa ukuthi ayinazo izinkinga zokumiswa kwabadlali.
“IChiefs, njengeStellenbosch, ayinabo abadlali abamisiwe kulo mdlalo futhi umqeqeshi uFernando Da Cruz unethemna lokuba neqembu eliqinile,” kuqhuba isitatimende.
Amakhosi awakahlulwa emidlalweni yawo yokuqala eyisikhombisa yeligi, kanti anqobe emithathu adlala ngokulingana kwemine.
“IGlamour Boys iya kulo mdllao isinqobe emithathu, yadlala ngokulingana kwemine,” kuqhuba ikilabhu.
“Izobe ibheke amaphuzu amathathu ukuze ihlanganise amaphuzu angu-16 ukuze ingasali kakhulu emaqenjini aphambili.”
- FUNDA NALA | UCele ubhoboka ngosizi adlule kulo
Ngemuva kwekhefu elide, i-Kaizer Chiefs izobe ifuna ukuqhubeka kahle kwiBetway Premiership futhi ithathe amaphuzu amathathu abalulekile.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
