Ezintsha

IWanderers ilungela ukuyozibonakalisa kwiPremier’s Cup

Leli qembu lizilungiselela ukuyodlala okokuqala kwiKZN Premiers Cup okuqumqhudelwano wokulungiselela isizini entsha.

Le kilabhu, esanda kukhushulelwa esigabeni sePSL, iqale ukuzilolonga kulandela ukubambezeleka kwemidlalo yokuhlunga ye-ABC Motsepe League, okuphazamise izinhlelo zayo.

“Sisesimweni esinzima,” kuvuma uMyeni. “Ukubambezeleka kusho ukuthi asisitholi isikhathi esanele sokulungiselela isizini. 

“Kodwa abafana bebekhuthele kakhulu kuleli sonto ejimini. Bakhombise injalo nokulambela ukudlala. 

“Babheke ngabomvu ukudlala kwiligi ekhokhelayo okokuqala ngqa.”

IMidlands Wanderers isanda kulahlekelwa ngabadlali bayo abayisithupha abamqoka asebejoyine iGolden Arrows.

Kodwa noma kunjalo, uMyeni lokhu ukubuka njengophawu lokuthi imisebenzi yabo iyabonakala.

“Kusilethela injabulo uma abadlali bethu besayinwa amakilabhu ePSL. Sitshala imali ekuthuthukisweni kwentsha ngaleso sizathu.

“Sibalungiselela ibhola elikhokhelayo. Uma besayinwa kusho ukuthi sesiwenzile umsebenzi wethu,” kuqhuba uMyeni.

Ulivumile igebe elishiywe wukuhamba kwabo, wathi kodwa uyazethemba ukuthi bazohlanganisa isikwati esiqinile.

“Yebo, akulula neze ukuvala isikhala sabadlali abasezingeni eliphezulu, kodwa kukhona abadlali abalambile abalungele ukukhuphuka.”

Uma sibheka phambili kwiPremier’s Cup, lapho bezobhekana khona neRichards Bay ngoJulayi 27, uMyeni unethemba.

“Sijabule ngokuba yingxenye yayo. Sizosebenzisa le midlalo ukulungiselela ukushintshela kwethu ebholeni elikhokhelayo futhi sibonise isitayela sethu esijabulisayo,” kusho yena.

IMidlands Wanderers ibe yiqembu lokuqala laseKZN ukunyuka lisuka ezigabeni zeSafa liye kwezePSL ngemuva kweminyaka eminingi.

Kwakugcine ngoTongathi FC eminyakeni engaphezu kwemihlanu edlule.

Uthongathi nokho lwabe seludayisela iMilford FC isitifiketi salo sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO