
UMonyane weBucs kwabamisiwe kweyeBetway Prem
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uThabiso Monyane, ungomunye wabadlali abamisiwe kule mpelasonto emidlalweni yeBetway Premiership.
Lo mdlali odlala kwesokudla emuva uthole ikhadi lesine eliphuzi esebhentshini ngesikhathi iBucs inqoba ngo 3-0 ihlula iPolokwane City ngoLwesibili.
Lokhu kusho ukuthi uzophuthelwa umdlalo wangeSonto la bezobhekana khona neRichards Bay eKing Zwelithini Stadium eMlazi.
Ngalo iSonto, iChippa United izodlala engekho uSirgio Kammies uma isibhekene neTS Galaxy eBuffalo City Municipality Stadium.
Lo mdlali wasemuva ukhishwe ngekhadi elibomvu ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 1-1 neSekhukhune United ngoLwesithathu.
IStellenbosch FC izobe ingenaye uSage Stephens uma isivakashele iPolokwane City e-Old Peter Mokaba Stadium.
Lo nozinti umisiwe kulo mdlalo ngemuva kokuthola ikhadi lakhe lesine eliphuzi kule sizini beshaya iCape Town City ngo 3-0 ngoLwesithathu.
Emdlalweni cishe obhekwe kunayo yonke kule mpelasonto, ophakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, akekho umdlali omisiwe.
Imidlalo ye-Betway Premiership kule mpelasonto ime kanje:
NgoMgqibelo
Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns – FNB Stadium – 3pm
Sekhukhune United vs Golden Arrows – New Peter Mokaba Stadium – 3pm
Magesi FC vs Royal AM – Old Peter Mokaba Stadium – 5.30pm
Cape Town City vs SuperSport United – Athlone Stadium – 8pm
Marumo Gallants vs AmaZulu FC – Free State Stadium – 8pm
NgeSonto
Richards Bay FC vs Orlando Pirates – King Zwelithini Stadium – 3pm
Chippa United vs TS Galaxy – Buffalo City Municipality Stadium – 3pm
Polokwane City vs Stellenbosch FC – Old Peter Mokaba Stadium – 3pm
