
UZidane uphawula ngokungqimuza uMaterazzi we-Italy
Umqeqeshi omusha weFrance, u-Zinedine Zidane, uthi akazisoli ngesigameko esidumile sokungqimuza u-Marco Materazzi ngekhanda kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ka-2006.
UZidane ukhulume ngalesi sigameko ngaphambi komdlalo wakhe wokuqala ekhaya njengomqeqeshi weFrance.
Kulo mdlalo iLes Bleus izobhekana ne-Italy eStade de France ngoLwesihlanu ebusuku.
“Lezo zithombe zizohlale zikhona ukuze zingikhumbuze ngokwenzeka ngo-2006, ngoba zihlale zikhonjiswa,” kusho uZidane emamatheka.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-54 ubudala wakhishwa ngekhadi elibomvu ngesikhathi esengeziwe kowamanqamu owawuseBerlin.
Lowo mdlalo wagcina unqotshwa yi-Italy sekukhahlelwa amaphenathi. Kwakuwumdlalo wakhe wokugcina njengomdlali.
“Ngenhlanhla akusikhona lokho kuphela engakwenza,” kwengeza le ngwazi.
“Kukhona nezinye izinto ezinhle, ngakho ngizama ukucabanga kakhulu ngezinto ezinhle.”
U-Zinedane Zidane uthe akakaze aphinde akhulume no-Marco Materazzi kusukela ngalobo busuku.
“Angizisoli ngoba kwakuyingxenye yomsebenzi wami,” kuqhuba lo mqeqeshi oseke wacija neReal Madrid.
“Angiziqhenyi ngokwenzeka, sengikushilo lokho kaningi, kodwa kuyingxenye yomsebenzi wami — awukwazi ukwenza izinto ezinhle kuphela.”
UZidane uqokwe njengomqeqeshi weFrance ngasekupheleni kukaJulayi, ethatha izintambo kuDidier Deschamps.
Emidlalweni yakhe emibili yokuqala, iFrance inqobe ngo-1-0 ibhekene neTurkey neBelgium.
Umdlalo ne-Italy uzoba owokuqala kaZidane ekhaya, phambi kwabalandeli abacishe babe ngu-80 000.
“Kuzoba nemizwa eminingi kakhulu ngalo mdlalo,” kusho u-Zinedane Zidane, okusobala ecananga ngalesi sigameko no-Marco Materazzi.
- FUNDA NALA | UMakgalwa uveza okwenza angayijoyini iChiefs
IFrance izobe ingenaye ukaputeni uKylian Mbappe, obuyele kwiReal Madrid ngemuva kokulimala edolweni ngesikhathi eshaya igoli lokunqoba koweTurkey.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
