EzintshaKaizer Chiefs

UPetersen ufuna ukupholisa abeChiefs amanxeba ngeCarling Cup

IKaizer Chiefs yabhuliswa amazolo kulo mqhudelwano, iwashiswa ijezi yiStellenbosch FC emzuliwaneni wokuqala.

Kwaba wumdlalo oyokhumbuleka ngesigemegeme sikanozinti weChiefs uFiacre Ntwari owanqaba ukuphuma ngaphambi kokushaywa kwamaphenathi. 

Nokho uNtwari wayivimba eyodwa iphenathi, kodwa iChiefs yagcina ihlulwe ngo 5-4, yasala kanjalo kulo mqhudelwano.

UBrandon Petersen useveze ukuthi njengabadlali beKaizer Chiefs basala nenxeba ngenxa yalokho, kodwa ufuna ukulipholisa ngokunqoba iCarling Cup.

Nguye unozinti oqokwe ngabalandeli ukuba avimbe eqenjini le-All Stars elizoqeqeshwa nguManqoba Mngqithi.

“Okokuqala nje, ngifuna ukusho ukuthi saphoxeka ngokuthi sisheshe siphume kwiCarling Knockout. 

“Lena yindebe ebesiyifuna futhi esizamile ukulwela ukuyinqoba,” kusho uPetersen. 

UPetersen ube esencoma umbono weCarling Cup, ethi unikwa abadlali abasebancane umuzwa wokudlala ezingeni eliphezulu. 

“Ngicabanga ukuthi iqembu le-All liwumbono omuhle kakhulu. Seyike yasiza phambilini ikakhulukazi kubadlali abasebancane.

“Isibonelo nje, ngonyaka odlule abanye babafana bethu beqembu leDStv Diski Challenge badlalile kulo mdlalo futhi kwabasiza lokho ukujwayela izinga lesigaba esiphezulu. 

“Ngiwubheke ngabomvu lomdlalo futhi ngikujabulele ukudlala negenge esencane esazakhela igama.”

Uncome nabalandeli ngokukhombisa ukubethemba ngokubavotela ukuba bangene kuleli qembu.

“Abalandeli bethu basisekile kukho konke futhi abadlali abavoteliwe bazizwa bethobekile,” kuqhuba uPetersen. 

“Kuwumuzwa omuhle ukuba kuleli qembu, futhi sifuna ukubabonga ngokusethemba kwabo. Sizokwenza okusemandleni ukubasebenzela kahle.”