Ezintsha

UPuso Dithejane ugile izimanga kwachazeka umqeqeshi

Umdlali waseNingizimu Afrika osegijima kwiChicago Fire kwi-US Major League Soccer, uPuso Dithejane useqalile ukugila izimanga. 

Ngemuva kokuzabalaza ukuzinza, nokungena eqenjini eliqala imidlalo, le nsizwa ebilihlikihla kwiTS Galaxy kuleli iqale okokuqala ngempelasonto edlule.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala ube nonyawo oluhle edlala okokuqala, bebhubhisa uthole iKansas City ngo 5-0.

Lo mphumela unyusele leli qembu endaweni yesithathu kwilogi ye-Eastern Conference.

UPuso Dithejane ujoyine leli qembu kanye nowayengumdlali wasemuva we-Orlando Pirates uMbekezeli Mbokazi.

Futhi yize engazange alishaye igoli ngokwakhe, ube nomthelela kulo mdlalo, washiya umqeqeshi engawuvali umlomo.

Umqeqeshi weChicago Fire, uGregg Berhalter ubegcwele indumiso ngemuva komdlalo.

Ukubeke kwacaca ukuthi kusekuningi abakubheke kulo mdlali ophuma enkulisa yeKaizer Chiefs. 

“Ngimbone emuhle kakhulu… Akulula emdlalweni wakhi wokuqala, kodwa usinike konke ebesikubheke kuye,” kusho uBerhalter.

“Ngokuya kwesikhathi uma esethole kahle umgqigqo, uzoba ngumdlali oyingozi kakhulu kule ligi.” 

Lokhu kuyisitatimende esikhulu. Futhi sikhomba ngokucacile ukuthi uPuso Dithejane angase abe yisihlabani kwiMLS.

Khonamanjalo, uMbokazi yena akadlalanga kulo mdlalo, kodwa usevele uyisethenjwa kuleli qembu.