EzintshaKaizer Chiefs

Uvele wacikeka uCedric Kaze ebuzwa ngekusasa labo kwiChiefs

Ebukeka ephazamisekile, uCedric Kaze uthi imibuzo enjalo kufanele iqondiswe kubaphathi beKaizer Chiefs, hhayi kuye.

Amakhosi aqale isizini ngegiya eliphezulu, enqoba imidlalo emine yeBetway Premiership ilandelana futhi ibukeka ihlangene kahle.

Kodwa izinto zashintsha kakhulu kulandela ukuhlulwa kwayo ngo 3-1 yiSekhukhune United – kwavele kwacima izibani eNaturena. 

Ngosuku olulandelayo, kwavela imibiko yokuthi umqeqeshi oyinhloko uNasreddine Nabi angase axoshwe.

Ngemuva kwalokho iChiefs yabe seyiqinisekisa ukuthi lo somaqhinga waseTunisia umisiwe emsebenzini yize izizathu zalokho ingazibalulanga.

Kusukela lapho, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef yibo abaphethe, kanti basanqobe kanye, nakhona ngengciciyela beshaya iKabuscorp SCD kwiCaf Confederation Cup. 

Kweyeligi, iChiefs isidlale ngokulingana ngo 1-1 neMarumo Gallants naMaZulu FC, yabe seyihlulwa yiStellenbosch FC kwiCarling Knockout kule mpelasonto edlule.

Lapho ecindezelwa ngekusasa labo, uKaze ugcizelele ukuthi akuyena umuntu ofanele ukuphawula ngezindaba ezinjalo.

“Ngikholwa wukuthi lowo ngumbuzo okufanele uqondiswe kubaphathi bekilabhu,” kusho uKaze. 

“Okwamanje, singabaqeqeshi beKaizer Chiefs, futhi kuze kube yilapho kuna nesaziso esihlukile… 

“Noma ke kuphuma esinye isinqumo esihlukile esivela kubaphathi – enginesiqiniseko sokuthi bazokwazisa wonke umuntu.”

IChiefs izobuyela enkundleni ngo-Okthoba 17, lapho izobhekana khoan no-AS Simba yaseDR Congo kwiCaf Confederation Cup.

Iziphakamiso zokuthi kuxazululwe lesi simo sokuqeqesha – kubuyiswe uNabi noma axoshwe bese kuqashwa umqeqeshi omusha – seziqalile kubalandeli.