
UShalulile uzifanise noRonaldo wodumo kwiMadrid
Obengumgadli weMamelodi Sundowns, u-Peter Shalulile, usezifanise noRonaldo wodumo kwiReal Madrid neManchester United.
Uthi ukujoyina kwakhe iYoung Africans SC yaseTanzania kufana nokusuka kukaCristiano Ronaldo kwiReal Madrid ejoyina iJuventus.
Lo mgadli waseNamibia usanda kujoyina iYanga, lapho ephinde wahlangana khona nowayengumqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi.
U-Peter Shalulile ushiye iSundowns ngemuva kweminyaka eyisithupha yempumelelo.
Ngesikhathi sakhe kwiSundowns ube ngumshayimagoli ohamba phambili emlandweni wePremier Soccer League kusukela ayijoyina esuka kwiHighlands Park ngo-2020.
Ngaphambi kokusayina kwiYanga, lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala ubefunwa ngamanye amakilabhu ase-Afrika, okubalwa kuwo iScottland FC yaseZimbabwe.
Ekhuluma ngesikhathi ethulwa ngokusemthethweni, uShalulile uthe akavumelani nokuthi ukuya eTanzania kusho ukwehlelwa yizinga.
“Ukusuka eNingizimu Afrika ngiye eTanzania kufana nokusuka kukaCristiano Ronaldo kwiReal Madrid eya kwiJuventus,” kusho yena.
“Ayikho iligi ebuthaka. Ngiyakwazi engikukhethile. Lena yiligi enzima futhi bengiyilandela isikhathi eside.
“Baningi abadlali abasezingeni eliphezulu abaphuma kuleli zwe.”
U-Peter Shalulile uphinde wathi ngeke athembise ukuthi iYanga izowina iCaf Champions League ngoba lokho ngeke akwenza ngokwakhe.
“Ibhola ngumdlalo weqembu. Ngeke ngithi nakanjani sizoyiwina,” kusho yena.
- FUNDA NALA | ElePSL ligilwe iFifa
“Kodwa abadlali banomoya omuhle futhi sonke siphupha ngokufinyelela kowamanqamu kwiChampions League.
“Uyahluleka, ufunde, bese ugcina uphumelela. Yileyo ndlela okunqotshwa ngayo le ndebe.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
