Ezintsha

UShalulile usethole ikhaya elisha ngemuva kokulaxaza iDowns

Sekugcine kuphelile ukuqagela ngekusasa lomgadli waseNamibia uPeter Shalulile, othuse abaningi eshiya isigubhukane kwiMamelodi Sundowns.

Umjaho wokusayinwa kwalo mgadli ugcine unqotshwe yiqembu laseTanzania iYoung Africans esanda kuqasha uManqoba Mngqithi njengomqeqeshi.

IYanga ikuqinisekise lokhu ezinkundleni zokuxhumana, yamukela lo mgadli njengomunye wabadlali bayo.

U-Peter Shalulile ujoyine leli qembu mahhala ngemuva kokuhlukana neSundowns ekupheleni kukaJuni, lapho aqede khona iminyaka eyisithupha yempumelelo enkulu.

Ngaleso sikhathi ushaye amagoli angu-136 kuyo yonke imiqhudelwano, wanqoba izicoco eziningi zeBetway Premiership, izinkomishi zasekhaya neCaf Champions League.

Lo mgadli oneminyaka engu-32 ubudala uzophinde asebenze nomqeqeshi uManqoba Mngqithi, aseke basebenzisana ngesikhathi besekwiSundowns.

Kuthiwa ukuba khona kukaMngqithi kube negalelo elikhulu ekutheni uShalulile akhethe ukujoyina iYanga.

Ngaphambi kokusayina kuyo, bekuke kwavela ukuthi ushelwa yiSimba SC namanye amaqembu aseZimbabwe, e-Egypt naseMiddle East.

IYanga ibifuna umgadli omusha ngemuva kokuhamba kukaPrince Dube waseZimbabwe.

Kulindeleke ukuthi u-Peter Shalulile ahole ukuhlasela kweYanga njengoba izimisele ukuvikela isicoco seligi yaseTanzania futhi ilwele impumelelo kwiCaf Champions League kule sizini.