
U-Ouaddou uveza okuhehe iPirates kuPedersen yiPirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usechaze ukuthi kungani leli qembu lisayine umgadli waseNorway, u-Sebastian Pedersen.
UPedersen, oneminyaka engu-27 ubudala, ujoyine iPirates esuka kwiSogndal IL yaseNorway. Ukusayinwa kwakhe kumangaze abaningi.
Lo mgadli useshaye amagoli angu-51, wakhela ozakwabi ayisishiyagalombili emidlalweni engu-117 emaqenjini iSogndal neMoss FK eminyakeni emine edlule.
Kule sizini ubeseshaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni engu-14.
U-Ouaddou uthe i-Orlando Pirates beyifuna umgadli onekhono lokuqedela amathuba abawakhayo kanti u-Sebastian Pedersen ubonakala enakho lokho.
“Izinhloli zethu bezifuna uhlobo lomgadli oluzosisiza sikhuphule izinga lokuguqula amathuba abe ngamagoli,” kusho u-Ouaddou.
“Ngonyaka odlule besingelinye lamaqembu akha amathuba amaningi e-Afrika, kodwa besidinga umgadli ozoqedela umsebenzi.
“Simfundisisile futhi sikholwa ukuthi uzoletha ikhono, amandla amasha nekhwalithi eqenjini.
“Kungakho bekubalulekile ukuthi ahambe nathi eSpain ukuze azijwayeze iqembu, ngoba noma ungumdlali osezingeni eliphezulu, udinga isikhathi sokuzivumelanisa nendawo entsha nabanye abadlali.”
- FUNDA NALA | UPitso uveza isifiso sakhe ngeBafana
Njengoba u-Sebastian Pedersen ubevele eseqenjini ngesikhathi liseSpain, abalandeli be-Orlando Pirates sebengalindela ukumbona enkundleni ngoMgqibelo.
IPirates izovula isizini entsha ngokubhekana neMilford FC e-Orlando Amstel Arena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
