EzintshaKaizer Chiefs

Usebekelwe imiyalelo emisha uNabi kwiChiefs

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi kubikwa ukuthi usethole imiyalelo emisha kubaphathi beqembu njengoba sezihubela sakusha kwisizini ka-2024/25.

UNasreddine Nabi, ozakhele igama elihle kwiYoung Africans yaseTanzania unikezwe umsebenzi wokwakha kabusha iqembu leKaizer Chiefs ekuqaleni kwale sizini. 

Bese kuphele isikhathi eside impela emataniswa nalo mqeqeshi, futhi ukugcina efikile kwabajabulisa kakhulu abalandeli bale kilabhu.

Kodwa-ke, ifomu yeKaizer Chiefs kule sizini yakhe yokuqala ayithembisi njengoba iqembu lihluleka ukubamba umgqigqo. 

Emidlalweni engu-25, Amakhosi anqobe eyishumi, ahlulwa kweyishumi, yabe seyidlala ngokulingana kwemihlanu kuyo yonke imiqhudelwano.

Ngokwemithombo yeSoccer Laduma, umhlangano wakamuva phakathi kwabaphathi nethimba labaqeqeshi unikeze lo mqeqeshi umyalelo omusha ngokumele akufeze kule sizini.

Kubikwa ukuthi umqeqeshi weKaizer Chiefs unikezwe ukuthi kumele aqede emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi yeBetway Premiership, nokufaka inselelo ebonakalayo kwiNedbank Cup.

“Bekungewona umhlangano ojwayelekile wethimba labaqeqeshi nabaphathi… 

“Ube yingxoxo nabaphathi ukubheka inqubekelaphambili namasu okuthuthukisa imiphumela yeqembu,” kucashunwe umthombo usho kanje.

IKaizer Chiefs iqede endaweni yeshumi kwilogi ngesizini edlule, iphuthelwe ukuyodlala emiqhudelwaneni yeCaf neMTN8, yaphinde yaqeda omunye umkhankaso ngaphandle kwendebe. 

Ikilabhu izimisele ngokugwema ukuphinda lokho, bese yenza kangcono kakhulu kulokhu.

“Njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili yeligi, kugxilwe ekutholeni ukuqeda emaqenjini ayisishiyagalombili abaphezulu nokwenza kahle kwiNedbank Cup. 

“Ukuvumelana kube wukuthi iqembu lidinga ukuthuthuka ngokushesha nemiphumela ishintshe,” kenezezela umthombo.

Njengoba bekulindelwe lukhulu, ikusasa likaNasreddine Nabi lingase lincike ekutheni iKaizer Chiefs idlala kanjani esigabeni sokugcina sesizini. 

Futhi yisikhathi kuphela esingaphendula umbuzo wokuthi ngabe angakwazi yini ukuletha lokhu okubhekiwe ukuze ayekwe aqhubeke nomsebenzi awuqalile.