EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uchaza eyokonga uMariko kwi-Orlando Pirates

U-Abdoulaye Mariko usabonakale emidlalweni embalwa selokhu ejoyine lezi ziqhwaga zaseSoweto ekubeni ufike ekhulunywa kahle.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala waseMali usaqale imidlalo emibili kuphela kule sizini futhi nayo akayiqedanga. 

Nokho ubonakale emdlalweni wesithupha kulo sizini ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba ngo 1-0 kwiCarling Knockout ishaya iSiwele FC ngempelasonto edlule.

UMariko ungene kulo mdlalo esuka ebhentshini, futhi wenza umehluko njengoba esibambe saqina isisu. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ouaddou uthe ukwethulwa kancane kancane kuka-Abdoulaye Mariko kuyingxenye yohlelo lwakhe.

“Selokhu afika eNingizimu Afrika, ukujwayela eqenjini kuhle kakhulu, kusho u-Ouaddou odabuka eMorocco. 

“Simnika isikhathi sokuzijwayeza neqembu nesitayela sokudlala kwiPSL.

“Uma uvela kwenye iligi, izikhathi zokuqeqesha nemidlalo kusuke kuhluke kakhulu — angifuni ukumjaha.”

Lo somaqhinga wePirates wengeze ngokuthi isikhathi sokujwayezwa kukaMariko siphathwa ngokucophelela ukuze kuqinisekiswe impumelelo yesikhathi eside.

“Sishaye izibalo. Isinyathelo ngesinyathelo, simnika isikhathi sokuba aye ngokuba ngcono,” kuchazalo mqeqeshi.

UMariko ungomunye wabadlali abasha abangu-13 abasayiniswe yi-Orlando Pirates kule sizini, kanti ufike ehambisana nezihlabani okubalwa kuzo uSipho Mbule, u-Oswin Appollis, noMasindi Nemtatjela.

Ubhekene nombango wezindawo onzima maphakathi nenkundla njengoba kukhona uSihle Nduli, uThalente Mbatha, noMakhehleni Makhaula.

Kodwa u-Ouaddou unesiqiniseko sokuthi lo mdlali osemncane waseMali uzobe esekulungele ukwenza umthelela omkhulu maduze.