
Kuvele iminjunju kaNabi ngokwashiwo uPitso
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usephendule ukugxekwa akutholayo selokhu athatha lo msebenzi.
IGlamour Boys ihlulwe okwesibili kulandelana kwiBetway Premiership emasontweni amabili.
Ihlulwe ngo 1-0 yiMamelodi Sundowns emdlalweni obushisa eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.
UNasreddine Nabi ucele isineke. Uveze ukuthi iChiefs yenze kahle ibhekene neqembu elikhonyayo elibheke isicoco sesishiyagalombili kulandelana.
Uveze ukuthi kunamakilabhu e-Afrika yonkana amfunayo. Nokho, yena uqoke ukuhlala eNaturena.
“Angiyona inkinga mina. Angizile ukuzofuna imali. Ziningi izinkulumo kwabezindaba ngeholo lami.
“Nsuku zonke ngithola izicelo ezivela emaqenjini amakhulu aneholo eliphindwe kathathu kunalelo engilithola lapha,” kusho uNabi.
“Nginenhloso lapha kwiKaizer Chiefs. Ngiyayithanda le kilabhu. Ngingumuntu oqinile.
“Angilahlekelwa ukuzethemba ngokushesha. Umlando wami ekuqeqesheni uqinile futhi mkhulu.”
Mhlawumbe ubekhuluma ngoPitso Mosimane osanda kuveza ukungabaza kwakhe amava kaNabi njengomqeqeshi weChiefs.
“Ngizodela konke ukuze ngibuyisele iChiefs lapho ifanelwe ukuba khona. Ukugxekwa kuyingxenye yalo msebenzi.
“Kodwa uma abanye abaqeqeshi bekugxeka, lokho kuwukungakuhloniphi,” kusho uNabi.
“Uma usesimweni esinzima, kuba buhlungu kakhulu uma uzakwenu enza lokhu. Kufanele ngabe bayaqonda ngoba bake baba sesimweni esifana nesami.”
UMosimane, engxoxweni abe nayo ne-5 FM muva nje, uthe iSundowns ne-Orlando Pirates basezandleni ezifanele.
Uthe uMiguel Cardoso noJose Riveiro benza kahle. Uthe akanaso isiqiniseko sokuthi uNabi nguyena yini ofanele ukuba kwiChiefs.
“Kodwa ngiyakholelwa kimina. Nginolwazi oluqinile. Ngiyazi ukuthi ngenzani. Ngizoyilungisa,” kwengeza uNabi.
