
UBradley Grobler uveza okumqedela ubuthongo
Umgadli wakuleli, uBradley Grobler akasakwazi ukufihla ukukhungatheka kwakhe. Lo mgadli osefomini weSekhukhune United uwashaya ngathi uyabukisa amagoli kule sizini.
Kumanje unamagoli ayisithupha kwiBetway Premiership, namabili kwiMTN8 okumenza abe ngomunye wabahamba phambili ngokushaya inethi.
Kodwa noma kunjalo, igama lakhe belingekho ngesikhathi uHugo Broos ememezela isikwati sabadlali abangu-45 beBafana Bafana muva nje.
UBroos uzobe eseqoka kulesi sikwati abangu-23 azodlala ngabo imidlalo emibili yokugcina yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 la bezobhekana khona neZimbabwe neRwanda.
Kulo mgadli oneminyaka engu-37 ubudala, lokhu kusho ukuthi mancane kakhulu amathuba okufeza isifiso sakhe ngeBafana.
Yingakho ukushiywa kwakhe ngaphandle kuleli qembu likaBroos kulumela futhi kunsonsothisa inhliziyo kakhulu.
“Kunzima, futhi kuyangikhathaza kakhulu. Ngingathanda ukuba yingxenye yeqembu, ikakhulukazi ngoba lisendaweni enhle kakhulu okwamanje,” usho kanje kwiFARPost.
IBafana iseduze nokuqopha umlando ngokungena eNdebeni yoMhlaba ka-2026 futhi iyodlala nakwi-Afacon ka-2025 eMorocco.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
UBradley Grobler uyavuma ukuthi lesi yisikhathi esijabulisayo eqenjini lesizwe. Ufisa nje ukuthi ngabe naye uyingxenye yalo.
“Kunezinto ezijabulisayo ezizayo. Kuhlale kuyiphupho ukuba lapho, ikakhulukazi manje,” kuqhuba yena.
“Ngingashaya amagoli angu-100 kwiligi, kodwa angicabangi ukuthi umqeqeshi angawushintsha umqondo ngami.
“Kunzima ukukwamukela lokho, kodwa yini vele enye engingayenza?”
Okwamanje, uBradley Grobler uthi uzoqhubeka nokushaya amagoli. Kodwa ekujuleni kwenhliziyo, wesaba ukuthi iphupho lakhe leBafana ngeke lisafezeka.
FUNDA NALA | IPirates igeje usuku olukhulu kuMofokeng
Kuzokhumbuleka ke ukuthi ngesikhathi efika uBroos, wathi ngeke ebabheke nokubabheka abadlali abaneminyaka engaphezu kuka-30.
Wathi lokhu ukwenza ngoba ufuna ukuthi uma eseshiya, ashiye iqembu elisazoqhubeka isikhathi eside.
